
IPirates ichaza ngesiphithiphithi sase-Orlando Amstel Arena
I-Orlando Pirates isikhiphe isitatimende ichaza ngesiphithiphithi esenzeke ngaphandle kwe-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo.
Lesi siphithiphithi sidale ukuthi abalandeli abaningi begcine bengangenanga enkundleni yize bebenamathikithi afanelekile.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi iPirates iqala kahle ukuvikela isicoco seBetway Premiership ngokushaya iMilford FC ngo 2-0.
Ngemuva komdlalo, kwasabalala amavidiyo ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa izixuku zabalandeli ngaphandle kwe-Orlando Amstel Arena, abanye bekhala ngokuthi bavinjelwe ukungena.
Esitatimendeni sayo, iPirates ixolisile kubalandeli abathintekile, yathi isinqumo sokuvala amasango senziwe yiVenue Operations Centre (VOC) ngenhloso yokuvikela ukuphepha kwabo bonke ababekhona.
Ikilabhu ithe lesi simo sidalwe yizigebengu ezithengisa amathikithi omgunyathi futhi asiza abantu ukuthi bangene enkundleni ngokungekho emthethweni.
Lokhu, ngokusho kwePirates, kudale ubungozi obukhulu ekuphathweni komdlalo nasekuphepheni kwabalandeli.
Nakuba ikilabhu ithe isinqumo sokuvala inkundla besingekho ngaphansi kwamandla ayo, ivumile ukuthi abalandeli abanamathikithi asemthethweni baphoxekile ngokungakwazi ukungena.
IPirates ithe labo ababethenge amathikithi asemthethweni kodwa bangakwazi ukungena bangafaka isicelo sokubuyiselwa imali yabo.
- FUNDA NALA | IBanyana ikwazile ukudlulela phambili
Ikilabhu ithe izoqhubeka nokusebenzisana nePremier Soccer League, abaphathi be-Orlando Amstel Arena, namaphoyisa ukuze kuqiniswe ezokuphepha.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
