
UMbule ubhekwe eNaturena, kodwa uzovumbuka engxenye
Njengoba imenenja yakhe uMike Makaab iqinisekisile ukuthi iKaizer Chiefs inikiwe ithuba lokusayina uSipho Mbule, ulwazi olusha luveza ukuthi ngeke aye eNaturena.
ILisenethini isithole ngomthombo wayo othembekile ukuthi uSipho Mbule ngeke ajoyine iChiefs ngesizini ezayo kodwa yena uzohlala eGauteng.
Umthombo ocele ukungadalulwa uthe uMakaab ubemane enyakazisa abalandeli nje ngesikhathi eveza ukuthi unikezwe iKaizer Chiefs.
Uthe izingxoxo nelinye iqembu ziqale nangaphambi kokuthi iMamelodi Sundowns ithathe isinqumo ngaye.
“Abaphathi bakhe bebazi ukuthi mancane amathuba okuthi iSundowns ivuselele inkontileka yakhe futhi baqale imizamo yokumtholela elinye iqembu kusenesikhathi.
“Futhi kulokhu engikuzwile, akusiyo iKaizer Chiefs ezomsayina lo mfana,” kusho umthombo.
“Uma ngempela enikezwe iChiefs, bekuyinhlonipho nje ngoba izingxoxo bezivele zisezingeni eliphezulu nelinye iqembu.”
Uma ecindezelwa ukudalula igama leqembu, umthombo uthe yizimbangi ezinkulu zeChiefs, i-Orlando Pirates.
“Cishe uzosayiniswa yi-Orlando Pirates uma kuwukuthi akakasayini kumanje… uya kuyo,” kusho umthombo.
Ikusasa likaSipho Mbule bekulokhu kuqagelwa ngalo kusukela kuvele ukuthi iSundowns ikuqinisekisile ukuthi ngeke iyivuselele inkontileka yakhe.
Kuke kwavela ukuthi iChiefs naMaZulu kungenzeka kube yibona abamsayinayo, kodwa manje sekuvela ukuthi uzoba yiBhakabhaka.
