
UNdlovu ukhale ngezinhlamba zabalandeli beqembu alishwebisa
Ukube izinhlamba ziyanamathela, ngabe umdlali omusha weMamelodi Sundowns u-Siyanda Ndlovu umanaphanapha.
Lo mdlali useveze ukuthi wabhekana nokugxekwa nokuthukwa okukhulu ngabalandeli be-Orlando Pirates kulandela isinqumo sakhe sokujoyina iSundowns.
Phela uNdlovu kwakubhekwe ukuthi ajoyine iPirates, njengoba kwase kuvele ukuethi wayeseqedile ukuhlolwa kwezempilo eMayfair.
Futhi kwakubukeka konke kuhamba kahle, ezogcina esayiniwe okuyinto eyavusa isasasa kubalandeli.
Nokho, uNdlovu kubikwa ukuthi wayinqaba inkontileka yePirates ngomzuzu wokugcina.
Wabe esejoyina iSundowns, okwashiya abalandeli beBucs bethukuthele begane unwabu.
Imibiko ithi izingxoxo zabhidlika ngenxa yokungavumelani ngemigomo yesivumelwano, kwase kuvuleka ithuba lokuthi iSundowns ingenele lo mdlali.
Ekhuluma kwiPrime Time Sport kuKhozi FM, uNdlovu uthe imiyalezo ayithola kwabanye abalandeli bePirates yayingemnandi.
“Abanye abalandeli bePirates babengakhulumi kahle ngami,” kusho yena.
“Abanye bangithumelela nemiyalezo ebuhlungu ku-Instagram.
“Kodwa angizange ngikulalele konke lokho ngoba ngingumuntu oqinile.”
U-Siyanda Ndlovu uthe okwenzekile sekudlulile futhi abalandeli kumele bakwamukele, ngoba akukho abangakwenza ukuguqula okwadlula.
Lo mdlali manje usebheke ukugxila empilweni yakhe entsha eChloorkop, njengoba efuna ukukhombisa ukuthi kungani iSundowns yamlwela kangaka.
Manje ingcindezi isikuNdlovu ukuthi aphendule ngokudlala kahle, azuze izindebe neSundowns.
Futhi akhombise abalandeli ukuthi kungani ekhethe leli qembu elikhulu kule sizini entsha esezayo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
