Bafana BafanaEzintshaKaizer Chiefs

Okwenza uMaboe abone uPitso ephumelela kwiBafana

Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, u-Lebohang Maboe, useveze ithemba elikhulu ngekusasa leBafana Bafana ngaphansi kuka-Pitso Mosimane.

Uthi lo mqeqeshi unalo lonke ulwazi oludingekayo ukuze aphumelele eqenjini lesizwe.

UMosimane umenyezelwe njengothatha izintambi kuHugo Broos ngoLwesibili.

Lokhu bekusho ukubuyela esikhundleni sokuba ngumqeqeshi weBafana eminyakeni engu-14 ngemuva kokuphela kwesikhathi sakhe sokuqala.

U-Lebohang Maboe uke wasebenza ngaphansi kuka-Pitso Mosimane ngesikhathi bekwiMamelodi Sundowns.

Ukholwa ukuthi ulwazi olunzulu lo mqeqeshi analo ngebhola lakuleli luzoba yinzuzo enkulu.

“Okokuqala, ngifuna ukuhalalisela umqeqeshi uPitso,” kusho uMaboe. 

“Ngijabule kakhulu ngaye futhi ngiyazi ukuthi uzokwenza kahle kakhulu eqenjini lesizwe.”

Lo mdlali weChiefs uke waba yingxenye yeSundowns eyayibusa ibhola lakuleli ngaphansi kukaMosimane. 

“Ungumqeqeshi oyazi kahle kakhulu le ligi. Uyabazi abadlali baseNingizimu Afrika futhi uzokwenza kahle kakhulu eqenjini lesizwe,” kwengeza uMaboe.

UMaboe naye uzobe ebheke ukuqhubeka nefomu yakhe enhle kwiChiefs ngethemba lokuthi uzophinde abizwe kwiBafana.

Wagcina ukuba yingxenye yeqembu lesizwe ngo-2021 esadlala kwiSundowns.