EzintshaMamelodi Sundowns

UBernard Parker uzibuyisela zishisa kuCardoso

Umqeqeshi weTS Galaxy uBernard Parker usezibuyisele zishisa izinduku kumqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso. 

Lokhu kungemuva kokuthi lo somaqhinga wasePortugal esole ukukhathala nokuminyana kwemidlalo ngokuhlulwa kweqembu lakhe ngendlela eshaqisayo phakathi nesonto.

IGalaxy imangaze labo mpetha abavikela isicoco seBetway Premiership, ibashaya ngo 3-2 ngoLwesibili.

Lo mphumela ucishe wawaqeda nya amathuba eSundowns okudla isicoco seligi sesishiyagalolunye kulandelana.

Kodwa-ke, esikhundleni sokuvuma induku, uCardoso ukhombe ukukhathala nokuminyana kwemidlalo.

Lawo mazwi ngokusobala awazange ahlale kahle kuBernard Parker, obeyihlele kahle iSundonws.

“Akunjalo. Ibhola linjena vele,” kuziphendulela uParker. “Awusoze wezwa iReal Madrid, iBarcelona noma iManchester City bekhuluma kanjalo. 

“Lawo maqembu adlala isonto nesonto ngezinga eliphezulu kwiChampions League, izindebe zasekhaya ngokunjalo neligi.”

UBernard Parker ugcizelele ukuthi ukuhlelela ukukhathala nokushintshashintsha iqembu yingxenye yebhola lesimanje.

“Okubalulekile yindlela ovuselela ngayo iqembu lakho ukuze uqhubeke uthole imiphumela,” kuqhuba le ngwazi yedumela kwiKaizer Chiefs. 

“Kwesinye isikhathi awukwazi ukudlala ngendlela efanayo isizini yonke – ubuye udinge uhlelo oluhlukile.” 

UBernard Parker uphinde waveza ukuthi iGalaxy uqobo ibinemidlalo esondelene eduze ekubeni inesikwati esincane kakhulu kuneseSundowns.

“Nathi sibe nemidlalo emine ezinsukwini ezingu-10. Besidlala njalo ezinsukwini ezine yize sineqembu elincane.

“Kodwa sikwazile. Size salanda abadlali beDDC futhi benza kahle kakhulu sibhekene neSundowns.”

UBernard Parker ube esephakamisa ukuthi ukuphawula kukaCardoso bekungeke kube kanje ukube ubenqobile.

“Ngenhlonipho nje, ukube uCardoso ubewinile, ubezosho okuhlukile. Ubengeke akhulume ngekhalenda.

“Kodwa leli yibhola, futhi ngifuna ukubafisela okuhle kodwa kowamanqamu,” kusho uParker.

ISundowns idlala umdlalo womlenze wokuqala wamanqamu weCAF Champions League ne-AS FAR kulo Mgqibelo eLoftus Stadium.