
UKhanye ucelela owePirates indawo kwiBafana
Owayengumdlali weKaizer Chiefs u-Junior Khanye usekhiphe umbono wakhe ngomdlali afisa ukumbona enikezwa ithuba kwi-Bafana Bafana.
UKhanye ukholwa ukuthi umdlali wasemuva we-Orlando Pirates uLebone Seema unekusasa eliqhakazile eqenjini lesizwe.
Uze wathi angaba ngisho ngukaputeni weBafana ngokuhamba kwesikhathi.
Le nkulumo uyisho ngesikhathi ekhuluma kwi-iDiski TV lapho esengumhlaziyi khona.
USeema ubephakathi kwabadlali abavelele ngesikhathi iPirates ishaya iChippa United ngo 3-0 kwiBetway Premiership eThekwini.
Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala ushaye igoli lesibili lePirates kulo mdlalo.
Bekuyigalelo lakhe lesibili kule sizini. Phambilini ubehlomise nge-assist ngesikhathi iPirates ishaya iMilford FC ngo 2-0.
U-Junior Khanye uthi ufuna ukubona uSeema edlale noMbekezeli Mbokazi odongeni lwasemuva kwi-Bafana Bafana.
“Igoli lesibili abalishaya ngebhola ebelibekwe phansi, siyayibongela i-Orlando Pirates, umdlali omuhle kakhulu lo oshaye leli goli,” kusho uKhanye.
“Ngingasho ngingasabi nje ukuthi lona ngumdlali weBafana Bafana wakusasa, futhi angaba ngisho ukaputeni.
“Ngiyafisa ukumbona edlala noMbekezeli Mbokazi maphakathi emuva, bese kuba uKhuliso Mudau no-Aubrey Modiba ezinhlangothini.
“Ngiyafisa ukubona bedlala kanjalo, bese mhlawumbe kunikwe noSipho Chaine ithuba epalini bese kuba uuTebza (Teboho Mokoena) phambi kwabo.
- FUNDA NALA | Kunuka izembe kumqeqeshi welePSL
“Noma kungaba kanye nje. Nginesiqiniseko kunesimanga esingaphuma lapho.
“Futhi ngiyazi uPitso ungilalele futhi uzobe akuzame lokho.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
