
IDowns incamela ukusiza uMokwena ngoLorch kuneChiefs
IMamelodi Sundowns isinikeze iWydad Athletic ithuba lokuthola omunye wezihlabani zayo, uThembinkosi Lorch mahhala.
Kubikwa ukuthi uLorch akasahlalisekile eChloorkop ngemuva kokuhamba komqeqeshi uRulani Mokwena. UMokwena kuthiwa nguye owaphoqa ukuba kusayinwe uLorch esuka kwi-Orlando Pirates ngonyaka odlule.
Selokhu uMokwena ehambile waya kwiWydad, uLorch ulithola amacozucozu ijezi okumenza angahlaliseki.
Manje iSABC Sport ibika ukuthi ISundowns ingathanda ukumdayisa noma ukumbolekisa kwiWydad kunomnika iKaizer Chiefs.
Ngempelastonto kuvele ukuthi iChiefs izimisele ngokuthenga uLorch kwiSundowns futhi bekungathi izingxoxo ziyathembisa.
Kodwa manje kuvela ukuthi iSundowns ayikuzwa kahle lokho. Kunokuthi aye kwiChiefs, izame nokubolekisa ngaye kwiSekhukhune United.
Kodwa leli qembu laseLimpopo ngathi lishaye amakhala, lazibongela lathi lenelisekile ngelinakho ngaphandle kwakhe.
Iwindi lokudayiselana ngabadlali kwiPSL liyavalwa ngoLwesibili ebusuku, okwenza sibe sincane isikhathi sokuthi uLorch engasayina kwelakuleli.
EMorocco kusenesikhashana njengoba iwindi lisavuliwe kuze kube uLwesihlanu ebusuku.
Lokhu kubanika isikhathi esengeziwe sokuphothula isivumelwano neSundowns ngoLorch.
IWydad ingase ihlomule ngokuhlanganisa uLorch noMokwena, owazi olazi kahle ikhono lakhe.
ULorch usedlale imidlalo engu-27 kwiSundowns, washaya amagoli ayisikhombisa, wakhela ozakwabo amane.
Okungase kube yisithiyo kwiWydad wukuthi kuzomele ichithe umdlali oyedwa wangaphandle ukuze kungene uLorch.
