
ISundowns nesimemezelo esinqala ngoPeter Shalulile
I-Mamelodi Sundowns isimemezele ngokusemthethweni ukuthi isihlukene nomgadli wayo oyingozi, uPeter Shalulile.
Lokhu kuphetha iminyaka eyisithupha egcwele impumelelo kaShalulile kuleli qembu lasePitoli.
AMasandawana akhiphe umlayezo wokumbonga lo mgadli waseNamibia, emhalalisela ngakho konke akwenzile egqoke ijezi eliphuzi.
“Siyabonga ngamagoli, izindebe nokuzinikela kwakho. Sikufisela okuhle ohambweni lwakho olulandelayo, Peter,” kubhala iSundowns.
U-Peter Shalulile ushiya iMamelodi Sundowns esengomunye wabadlali abahlonishwa kakhulu emlandweni waleli qembu.
Ujoyine aMasandawana esuka kwiHighlands Park ngo-2020, washeshe wazibonakalisa njengomunye wabagadli abesabekayo kwiBetway Premiership.
Ngesikhathi ekwiSundowns ushaye amagoli angaphezu kuka-100, wakha namanye angaphezu kuka-25.
Uphinde wasiza iqembu lanqoba izicoco ezinhlanu zeligi, iNedbank Cup, iMTN8, i-African Football League neCaf Champions League.
Lo mgadli oneminyaka engu-32 ubudala uphinde wanqoba izindondo eziningi zokuba ngumshayimagoli ohamba phambili.
Ukuhamba kwakhe kusho ukuphela kwesikhathi esiyingqophamlando eChloorkop, njengoba iSundowns iqhubeka nokwakha kabusha isikwati sayo ngaphambi kwesizini ka-2026/27.
- FUNDA NALA | ISundowns ihamba iPirates ngemuva
Yize kungakacaci ukuthi uShalulile uzodlala liphi ngesizini ezayo, kulindeleke ukuthi aphenduke amagwinya ashisayo ebusika.
Ubesevele eke wamataniswa namaqembu ahlukene okukhona kuwo nelaseZimbabwe iScotland FC nawaseTanzania iSimba SC neYoung Africans.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
