
UMosimane uveza icebo lokukhulisa ukukleliswa kweBafana
U-Pitso Mosimane, useveze icebo azolisebenzisa ukuqinisekisa ukuthi i-Bafana Bafana iyaqhubeka nokunonkela ohlwini lokukleliswa kwamaqembu lweFifa.
Uthi lokhu uzokwenza ngokuqhubeka nokuhlela imidlalo namaqembu amakhulu ukuze iqembu lithuthukise indawo yalo.
IBafana isendaweni ka-48 emhlabeni njengamanje, kulandela ukunqoba iGuinea ne-Eritrea emidlalweni yokuhlungela i-Afcon ka-2027, nokushaya i-Egypt emdlalweni wobungani.
Ekhuluma neSABC Sport, uMosimane uthe ukungena kweBafana kwangu-50 abaphezulu emhlabeni akuzange kuzenzakalele, kodwa kube wumphumela wokukhetha izimbangi ezifanele.
“Yebo, kuyasithobisa. Kumele silibonge iqembu engilithole likulesi simo,” kusho uMosimane, ebhekise esikhathini sikaHugo Broos.
“Uma ushaya i-Egypt uthola amaphuzu amaningi. Uma ushaya iGuinea uthola amaningi kunalawo owathola ngokushaya i-Eritrea.”
U-Pitso Mosimane – osekwihlandla lesibili ecija i-Bafana Bafana – uthi akazimisele ngokukhetha izimbangi ezibuthaka ukuze avikele umsebenzi wakhe.
“Okubalulekile wukukhetha ngobuhlakani. Imidlalo yobungani kumele ihlelwe ngendlela efanele,” kuqhuba yena.
“Ngiyilowo mqeqeshi ozimisele ngokuthwala imiphumela yezinqumo zakhe.
“Besingadlala nanoma yiliphi iqembu, kodwa sakhetha i-Egypt sathola amaphuzu amaningi. Manje sikunombolo 48.
“Cabanga ukube asidlalanga ne-Egypt, sakhetha iqembu elingaphansi kwethu, sase singanqobi. Usuke udlala ngamaphuzu akho.”
- FUNDA NALA | IPirates nezintsha ngoNcikazi
IBafana isendaweni yeshumi e-Afrika. Ukungena kwayisithupha noma ayisikhombisa aphezulu kungayisiza uma sekuqhathwa azodlala kwi-Afcon ngonyaka ozayo.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
