Ezintsha

IChippa United engcupheni yonswinyo lweFifa

Inhlangano ephethe ibhola emhlabeni jikelele, iFifa isifakele iChippa United ukushisa.

Iyalele le kilabhu ukuthi ikhokhe imali eyikweleta obengumqeqeshi wayo uLuc Eymael seyihlangene nenzalo ka-5%. 

IChippa United isalelwe yizinsuku eziyishumi ukuthi ikhokhe le mali nokma ibe sengcupheni yokuvalwa ukusayina abadlali.

Uma isithola lesi sigwebo, sizokhubaza izinhlelo zayo zokubhalisa abadlali abasha ngesizini ezayo.

Ingxabano isukela ekuxoshweni kuka-Eymael ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa ngasekupheleni kuka-2025. 

Ngemuva kokuxoshwa kwakhe ngo-Okthoba, zombili izinhlangothi zavumelana ngokuthi kuzokhokhelwana kanjani.

Kodwa manje sekuvele ukuthi le kilabhu yehlulekile ukugcina lesi sivumelwano.

Incwadi yeFifa, eyathunyenwa ngoFebhuwari 20, 2026, yanikeza iChippa United izinsuku ezingu-45 ukuthi ikhokhe.

Ngokwalencwadi le mali ingu-R250 000 bese ihambisana nenzalo engu-5% – okungu-R12 500.

Njengoba isikhathi sihamba kusukela ngoFebhuwari, ikilabhu inezinsuku ezicishe zibe ngu-10 ngaphambi kokuthi kuqale unswinyo.

Imenenja ka-Eymael, uBrett Arthur, uqinisekise kwiKickOff ukuthi ayikho imali etholwe yilo mqeqeshi kuze kube manje. 

“ULuc ufuna inkokhelo nje kuphela. Ukubona ikilabhu ijeziswa yinto yokugcina esiyifunayo,” kusho u-Arthur.

Icala lika-Eymael akulona kuphela ifu elibi elilenga phezi kwaleli qembu elizinze e-Eastern Cape elidume ngokushintshashintsha abaqeqeshi. 

Abanye ababengamalungu ethimba labaqeqeshi phambilini kuvela ukuthi balibangise kwi-PSL Dispute Resolution Chamber (DRC).

Nabo bayokhala ngezinkokhelo zabo njengoba besakweletwa imiholo noma imihlomulo yabo.

Phakathi kwabo kukhona uKwanele Kopo owashiya ekupheleni kuka-2024, uSelaotse “Sly” Mosala owaxoshwa kanye no-Eymael.

Kukhona noMorgan Mammila, owayengumqondisi weqembu owaxoshwa ngesikhathi sezinguquko zika-Okthoba.

Isiphithiphithi semali nezomthetho siza ngesikhathi esibi kakhulu kuleli qembu lase-Eastern Cape.

Njengamanje iChippa United ihlezi endaweni ka-13 kwilogi yeBetway Premiership.

Ishiya iMagesi FC esemsileni ngamaphuzu ayisithupha kuphela, ekubeni iMagesi isenomdlalo esandleni.

Ngaphezu kwalokho, kubikwa ukuthi leli qembu libhekene nesikweletu sika-R35 million sakwaSars.