EzintshaKaizer Chiefs

U-Edmilson Dove uveza imizwa ngesimo seKaizer Chiefs

Leli qembu laseNaturena selihambe amasizini ayisishiyagalolunye lingenaso isicoco esikhulu. 

Futhi uma iKaizer Chiefs ihluleka ukuphakamisa indebe kule sizini, izohlanganisa iminyaka eyishumi ilambatha, u-Edmilson Dove akakufuni lokho.

UDove ujoyine Amakhosi esuka kwiCape Town City ngo-2022. Yize edonsa kanzima ngenxa yokulimala, usedlale imidlalo engu-49 kuleli qembu. 

Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoLwesine, uvumile ukuthi izindebe yiyonanto eshodayo manje.

“Le kilabhu ifanelwe ukuba phezulu, futhi sesihluleke izikhathi ezimbalwa ukuyibuyisela lapho ifanelwe khona,” kusho uDove. 

“Ngize lapha ukuzowina izindebe, futhi ukungakufezi lokho akumndani neze. Kodwa kufanele siqhubeke nokuphokophela phambili.”

IChiefs isenalo ithuba lokuqeda isomiso ngeNedbank Cup lapho isingene khona kowandulela owamanqamu. 

Kodwa ibhekene nesithiyo esikhulu kulesi sigaba njengoba izohlangana neMamelodi Sundowns ekuhambeni. 

Nokho kukwiligi yeBetway Premiership lapho Amakhosi alokhu ebhala ecisha khona njengoba engawubambi umgqigqo. 

Njengamanje isendaweni yesishiyagalombili kwiBetway Premiership futhi idinga ukuqeda ngamandla ukuze ingene kwiMTN8 ngesizini ezayo.

“IKaizer Chiefs akulona iqembu okufanele lilwele ukungena emaqenjini ayisishiyagalombili abaphezulu noma nawo nje amane,” kwengeza u-Edmilson Dove. 

“Sifanelwe ukuba phezulu. Isizini edlule idumazile, kodwa sisebenza kanzima ukukjika lokho kulokhu.”

Indawo la idonsa kanzima khona kakhulu iChiefs kule sizini isemuva. Isingenelwe amagoli angu-28 emidlalweni engu-23. 

UDove, osanda kubuya ekulimaleni, useyiqale yonke imidlalo eyisithupha yeChiefs ngoMashi.

Yize eyivuma inkinga yokuvuza emuva, uthi inkinga yeqembu edinga wonke umdlali osenkundleni ukuyivika.

“Ukuvala emuva akuqali kithi emuva. Kuyinkinga yeqembu okudingeka siyilungise ngokubambisana sonke,” kuqhuba le nsizwa yaseMozambique.

IChiefs izobhekana neTS Galaxy emdlalweni weligi ngoMgqibelo njengoba isaqhubeka nomzamo wokuqeda kwiTop 8.