EzintshaKaizer Chiefs

OweChiefs ukhuzela u-Ashley Du Preez ogeje uqekelele

U-Ashley Du Preez uzithole ephambi kwepali kungekho ngisho unozinti kodwa wavele walibhamuza phezu kwepali ibhola ebelinganqobisa iKaizer Chiefs kulo mdlalo ophele ngo 0-0. 

Ekhuluma esenaturena Village kuleli sonto, uKaze uthe lo mgadli uphatheke kabi kodwa liqembu liyameseka.

“Isimo sakhe asijwayelekile, kodwa siyenzeka ebholeni,” kusho uKaze. “Ubephatheke kabi kakhulu ngemva komdlalo.”

“Kodwa njengabaqeqeshi, ozakwabo eqenjini, nekilabhu, silapha ukuze simsize kulesi simo.”

UKaze uphinde wagcizelela ukubaluleka kokuqina ngokomqondo kubadlali, wathi ukugxekwa abakuthola ezinkundleni zokuxhumana kuyakuqeda ukuzethemba.

“Eqenjini elikhulu njengeChiefs, kumele uqine kakhulu ngokomqondo,” kwengeza uKaze.

Edlula kwekaDu Preez, lo mqeqeshi uncome ukuthuthuka emuva kuleli qembu, wathi selidlale imidlalo eminingi lingangenelwa goli.

“Ngesizini edlule besiwaavuzisa amagoli. Kulokhu, siqinile emuva,” kusho uKaze odabuka eBurundi. 

“Uma wakha iqembu uqala emuva — uma leso sisekelo sesikhona, abadlali baphambili babe sebethola umgqigqo wabo.”

IChiefs izobhekana neSiwelele FC emdlalweni wayo weBetway Premiership eFNB Stadium ngoLwesithathu – umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.