
UQuinton Fortune nesexwayiso esinqala kuHugo Broos
Udaba ngu-Alfred Ngubane
Ingwazi yeBafana Bafana, uQuinton Fortune, usexwayise umqeqeshi waleli qembu uHugo Broos ngokumele akuqaphe ikakhulukazi ngemuva kokulifaka eNdebeni yoMhlaba.
UFortune, owayengumdlali weManchester United ne-Atlético Madrid wembulele iLisenethini engxoxweni ekhethekile umqeqeshi weBafana okumele akuxwaye.
UQuinton Fortune uthi uHugo Broos kumele axwaye abadlali abazinze phesheya kwezilwandle ngoba bazozama ukumlinga ngemali yokufaka abadlali babo eqenjini lakhe.
“Izimenenja zabalali zisemkhankasweni wokudidisa abaqeqeshi ukuthi bafake abadlali babo emaqenjini esizwe…
“Lokhu ikakhulukazi njengoba iNdebe yoMhlaba e-USA isondela ngokushesha,” kusho uFortune.
“Baheha kakhulu abaqeqeshi bamazwe ase-Afrika naseSouth America ngemali eshisiwe ukuthi bamakethe abadlali babo eNdebeni yoMhlaba.
“Bafuna abadlali babo babe seNdebeni yoMhlaba ukuze babonwe amakilabhu amakhulu ase-Europe.”
WINA | Imali yokuqala ibhizinisi lezemfashini neNikNaks
UQuinton Fortune uthi lobu buqili bezimenenja zabadlali buwufa olubi oluphazamisa ukukhula kwebhola lase-Afrika esigabeni samazwe ngamazwe.
“Le nkohlakalo eyenziwa yizimenenja zabadlali ibulala inqubekelaphambili yamazwe ase-Afrika ebholeni lomhlaba,” kwengeza uFortune.
“Uzokhumbula ukuthi uBroos uvale izimenenja zabadlali kwiBafana Bafana, yingakho iqembu lenza kahle.
“Abaqeqeshi bangaphambili beBafana Bafana babevame ukubukelwa phansi emsebenzini wabo yizimenenja.”
UFortune usehlale e-Europe isikhathi eside futhi uyiqonda kahle inkohlakalo yezimenenja ebholeni.
FUNDA NALA | IChiefs nesimemezelo ngabalimele
Uhlale isikhathi eside e-Europe njengomdlali kanti muva nje ubekwiTigres UANL yaseMexico lapho ebeyiphini lomqeqeshi.
