
Ezinhle nezimbi ngabalimele kwiKaizer Chiefs
IKaizer Chiefs isikhiphe isimemezelo ngabadlali bayo abalimele ngaphambi komdlalo wayo weBetway Premiership neSiwelele FC eFNB Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto zizobe zingenabo abadlali abayisikhombisa abamqoka — oGeorge Matlou, Ethan Chislett, Paseka Mako, Bontle Molefe, Given Msimango, Rushwin Dortley, noThabiso Monyane.
Bonke bashiywe ngaphandle ngenxa yokulimala. UMsimango noDortley sebenesikhathi eside bengadlali.
Nokho kukhona inhlansi yethemba kuMakhosi. ULebohang Maboe, Etiosa Ighodaro, noNkanyiso Shinga sebeyalulama futhi bangase babe khona emdlalweni wangoLwesithathu.
“Iqembu linethemba njengoba kunabadlali abaningi okungase babe sebeluleme esikhathi esingesingakanani esizayo okuzoqinisa iqembu emidlalweni ezayo,” kusho ikilabhu esitatimendeni.
WINA | Imali yokuqala ibhizinisi lezemfashini neNikNaks
IKaizer Chiefs ibheke emdlalweni weSiwelele ihlezi endaweni yesine kwiBetway Premiership ngamaphuzu angu-15 emidlalweni eyisishiyagalombili.
Izoba inethemba lokwakhela phezu komphumela omuhle ewuthole kwiCaf Confederaton Cup la idlale khona ngokulingana ne-AS Simba ekuhambeni.
FUNDA NALA | Inkakha icikwa abajabulela okwenze iPirates koweCaf
Umdlalo wasekhaya waMakhosi neSimba uzokuba ngeSonto eDobsonville Stadium.
