Caf Champions LeagueEzintsha

ICaf ihlawulise ‘uhlanya’ uMukoko ngakwenza kwabeBucs

ILupopo isibuyile eNingizimu Afrika lapho izobhekana khona neMamelodi Sundowns eLoftus Stadium ngoMgqibelo.

ICaf immise imidlalo emibili kulandela ukuziphatha kwakhe okungeluhle emdlalweni eyayibhekene kuwo ne-Orlando Pirates esigabeni sokuhlunga ngenyanga edlule.

U-Amale Mukoko ube sematheni ngemuva kwezigemegeme ayezenza kulo mdlalo womlenze wesibili obuse-Orlando Stadium. 

Yize abanye bakuthatha ngokuthi wayezidlalela futhi ezihlanyela nje, abanye bakubona kungekuhle okwakwenziwa uMukoko.

Manje nCaf ngemuva kokubuyekeza okwenzeka, seyinqume ukumhlawulisa ngokuthi angadlali imidlalo emibili.

Kwezinye zezigigaba zakhe, wabonakala eczema ukungqubuza ngekhanda uMasindi Nemtajela, wazama nokugxoba u-Oswin Appollis.

Wayephinde achukuluze ithimba lePirates elalisebhentshini nabalandeli ngokubagcona njalo uma enze kahle. 

U-Amale Mukoko waphunyuka ekutholeni ikhadi elibomvu kulo mdlalo yize lalimfanele ngenxa yezimanga ayezenza. 

Ukumiswa kwakhe yiCaf kuhambisana ne-Article 11 and 123 of the Code of Conduct yale nhlangano.

Lesi sinqumo sizokwenza angadlali emdlalweni wangoMgqibelo lapho bebhekene neSundowns eLoftus nakowangempelasonto ezayo ne-Al Hilal SC.