
Inkakha ibona uMdu Shabalala kwiBafana – ukube akekho kwiChiefs
UTefu Mashamaite useveze umbono wakhe ngomdlali weKaizer Chiefs uMduduzi Shabalala abona kufanele ngabe ukwiBafana Bafana.
Ngokusho kwale nkakha eyayingukaputeni waMakhosi, uShabalala ubanjezelwe yiqembu adlala kulo ukuthi abe seqenjini lesizwe.
Uthi ukube udlala eqenjini elihlangene kahle futhi elenza kahle njenge-Orlando Pirates ngabe usezinhlelweni zikaHubo Broos zeNdebe yoMhlaba.
“UShabba, kimi, ungumdlali omangalisayo. Ngimbona esezingeni elihle kakhulu, kakhulu,” kusho uMashamaite kwiSoccerbeat Podcast.
“Ngikholwa wukuthi uma ungamthatha manje umfake eqenjini lePirates, nakanjani angaya kwiNdebe yoMhlaba.
“Ngeshwa udlalela iqembu leChiefs elingenzi kahle la naye engakwazi khona ukuvelela kahle.”
UMashamaite ukhombe umthelela wokusebenza kweqembu ekuveleleni komdlali ngamunye.
“Kwesinye isikhathi uba yisihlabani futhi uvelele ngenxa yodlala nabo eqenjini,” kwengeza uMashamaite.
UMdu Shabalala usanda kushaya inethi iChiefs enqoba kwi-Orbit College — okube yigoli lakhe lesithathu kule sizini.
Indlela alishaye ngayo iveze ikhono lakhe ngemuva kokungahanjelwa kahle yizinto, ehlulwa amathuba alula.
Owayengunozinti weChiefs, uBrian Baloyi naye weseke lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala, wathi leli goli lingase limvuselele.
“Ngiyamjabulela uShabba ngoba ubesethole ukugxekwa okukhulu. Leli goli lizomnika ukuzethemba,” kusho uBaloyi.
Njengoba isizini ingena esigabeni sokugcina, uMdu Shabalala usenethuba lokuziveza kumqeqeshi weBafana.
