Ezintsha

IDurban City ivuke ngeNgwenya, u-‘CR7’ 

Lo mfana oneminyaka engu-20 ubudala ubeseqenjini leVarsity Cup leDurban University of Technology (DUT).

UNgwenya, odabuka eMayflower eMpumalanga, uhlabe abaningi umxhwele ngekhono lakhe elimangalisayo.

Lokhu kumenze waqhathaniswa nezihlabani ezisafufusa ezifana noRelebohile Mofokeng, kanti uteketiswa ngelikaCR7 ngoba kuthiwa udlala kuhle kukaCristiano Ronaldo.

Ube ngundabamlonyeni ngemuva kokushaya igoli elimangalisayo bebhekene neVenda University of Technology kwiVarsity Cup yangonyaka odlule.

Manje kubikwa ukuthi i-Durban City iqedele ukumsayina kuleli sonto. UNgwenya usayine inkontileka yezinyanga ezingu-16.

Kulindeleke ukuthi abe yingxenye yeqembu eliya eGauteng lapho iDurban City iyibhekana khona neJDR Stars ngeSonto.

UNgwenya kuthiwa ukwazi ukudlala njengomgadli, noma ophikweni.

Ikhono nesibindi sakhe uma ephethe ibhola kumenze waqanjwa elika“CR7” edolobheni lakubo eMayflower.

UNgwenya uke waziqeqesha neqembu leDStv Diski Challenge laMaZulu FC kodwa akazange ayithole inkontileka.

Ukusayinwa kwakhe kwabhuntsha ngemuva kokuthi umqeqeshi uVusimuzi Vilakazi, owayemfuna, wakhushulelwa eqenjini elikhulu.

Uphinde wachitha isikhathi kwiBaroka FC kodwa wakhetha ukuyishiya ukuze aqhubeke nezifundo zakhe eDUT.

Imenenja yakhe, ekhulume kwiKickOff kodwa yacela lingavezwa igama layo, izwakalise ukujabula ngokusayina kwakhe.

“Ngibonga usihlalo, uFarook Kadodia, nomqeqeshi oyinhloko ngokukholelwa kulo mfana,” kusho le menenja.

“Lo mfana uyakuthanda ukudlala, futhi unekhono elihle. Isifundazwe sonke saseMpumalanga simbiza ngo-‘CR7’… INingizimu Afrika izobona izimanga.”

Ukugxila kukaNgwenya kwezemfundo kube yisizathu esibalulekile sokuthi amanye amakilabhu angabaze ukumsayinisa phambilini. 

Kodwa ukuzibophezela kwakhe ebholeni akukaze kujike njengoba ebefuna ithuba elimfanele.

“Ngikhulume nonina namhlanje ekuseni, futhi ucishe wakhala izinyembezi yinjabulo. Nginobudlelwano obuhle nomndeni wakhe,” kuqhuba le menenja.

Manje njengoba i-Durban City sekusele kancane ikhushulelwe esigabeni esiphezulu, uNgwenya angase athole ithuba lokuzibonakalisa ezingeni eliphezulu.