EzintshaKaizer Chiefs

URobson Muchichwa ukhala ‘ngotonya’ abadlala kwiChiefs

URobson Muchichwa wadlalela iKaizer Chiefs phakathi kuka-1995 no-1999 futhi wayengomunye wezintandokazi zabalandeli ngaleso sikhathi. 

Wayengomunye wabadlali abalandeli ababeka kubo amathemba abo njalo uma iqembu lingena enkundleni ikakhulukazi ukuyodlala idabhi yaseSoweto. 

UMuchichwa, owazalelwa eZimbabwe, ugxeke isizukulwane samanje seChiefs ngokungazibophezeli kuleli qembu.

Ekhuluma kwiGame On yeRadio 2000 ngoLwesihlanu, uMuchichwa uzwakalise ukukhathazeka waveza ukuthi kwakusho ukuthini kuyena ukudlalela Amakhosi.

“Kulezi zinsuku abadlali abasadlaleli ibheji noma umqeqeshi,” kusho uMuchichwa, owayteketiswa ngelikaMashamplani. 

“Angikuqondi lokho. IKaizer Chiefs iyiqembu elikhulu futhi ikunika udumo olukhulu. 

“Thina sasidlala ngezinhliziyo zethu zonke ukuqinisekisa impumelelo yeqembu.”

Indlela iChiefs eyehlelwe yizinga ngayo eminyakeni embalwa edlule, uMuchichwa uthi yenze yalahlekelwa nabebengase babe ngabalandeli bayo. Omunye walabo yindodakazi yakhe. 

“Indodakazi yami manje isingumandeli we-Orlando Pirates ngoba ayikaze iyibone iKaizer Chiefs inqoba okuthile,” kwengeza le nsizwa eyayiyisihlabani seQwaqwa Stars.

Nokho iChiefs inethuba lokubuyisa isithunzi uma seyihlangana nePirates emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.

UMuchichwa akazange azibophezele ngokuthi ukholelwa ekutheni yiliphi elizo phuma namaphuzu amathathu abalulekile ngoMgqibelo. 

Kodwa njengoba la maqembu ezophinde ahlangane esikhathini esiyisonto emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, uMuchichwa uneseluleko kwiChiefs.

“Engathi kunganqoba iqembu elizobe lingcono kunelinye kusasa (ngoMgqibelo). Kodwa kimina, iChiefs kufanele igxile kakhulu kule wendebe. Iwona obaluleke kakhulu.”