
Isikhulu siphawula ngesimo ‘esibi’ seMoses Mabhida Stadium
Isimo sotshani e-Moses Mabhida ngenye yezinto osekuke kwavela ukukhathazeka ngazo njengoba kuzobanjelwa kuyo umdlalo omkhulu ngempelasonto.
Emasontweni amabili edlule, umqeqeshi weSimba SC yaseTanzania, uFadlu Davids, waveza ukungenami ngesimo sale nkundla.
Ezakhe zazibhekene neStellenbosch FC khona emdlalaweni weCaf Confederation Cup khona e-Moses Mabhida Stadium.
NangoLwesibili ebusuku, emdlalweni weBetway Premiership obuphakathi kweGolden Arrows ne-Orlando Pirates isimo sotshani sibukeke singesihle.
Abadlali bebeshelelela, bewa kanti bekubukeka iwudaka kakhulu le nkundla.
Nokho isikhulu esiphele i-Moses Mabhida Stadium, uVusi Mazibuko sithi lokhu ngamanzi amancane.
UMazibuko uthi kuzoshaya uMgqibelo le nkundla isesimweni esihle nesifanele lo mdlalo omkhulu nobhekwe ngabomvu yizwe lonke.
Kuwona kuzobe kuvovana izinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngoMngqibelo ntambama.
“Utshani enkundleni yethu abukho esimweni esaziwa siyibo,” kuvuma uMazibuko kwabezindaba kuleli sonto.
“Sizokulungisa lokho futhi ukulungiswa kotshani bubuyiselwe esimweni kuzoqala namuhla ebusuku (ngoLwesithathu).
“Singawaqinisekisa womabili amaqembu ukuthi azodlala enkundleni azoziqhenya ngayo.”
Ukuqokwa kwe-Moses Mabhida Stadium ukuthi kube yiyo esingatha lo mdlalo kwabakhathaza abakwezinye izifundazwe.
Bakhala ngokuthi njalo uma kunemidlalo emikhulu iPSL ivele iyikhombe kuyo kanti nabo bayafisa ibe seduze nabo.
Kodwa njengoba iTheku lidume nangokwamukela kahle izivakashi, futhi kungabi ngumdlalo nje kuphela oheha abantu, kubukeka le nkundla isazoqhubeka nokuhamba phambili.
Abantu abaningi basheshe bafike eThekwini ukuze baqale bazikholise ngezokungcebeleka ngaphambi nangemuva komdlalo.
Indlela obhekwe ngayo lo mdlalo, amathikithi awo kuvela ukuthi athengwe aphela emizuzwini engu-90 eqalile ukudayisa.
