Ezintsha

ISafa icacisa ngesamba seVAR eyasinikwa uMcKenzie

Inhlangano eyengamele ibhola eNingizimu Afrika, i-Safa, isikhiphe isitatimende icacisa ngemali eyayinikwa umnyango wezeMidlalo yokukwethulwa kwe-Video Assistant Referee (VAR) kwiPSL.

Ungqongqoshe wezeMidlalo, uGayton McKenzie ubevutha engabaselwe ngesikhathi eveza ukuthi ufuna ibuyiswe le mali ngoba iVAR ayisethulwanga.

Nokho iSafa ithi lo R20 million eyawuthola emnyangweni awukathintwa njengoba ungasetshenziselwanga ezinye izinto njengoba bekusolwa.

Umnyango wanika i-Safa le mali ngo-April 2026 ukuze kuqaliswe ukusebenza kwe-VAR ebholeni laseNingizimu Afrika.

ISafa ithi ngaphambi kokuthola le mali yayisivele yenze ucwaningo olunzulu ngezobuchwepheshe nabahlinzeki bezinsiza zeVAR. 

Kwahlonzwa abahlinzeki abathathu ababekhethwa, kodwa akukho nkontileka eyasayinwa.

Ikomidi eliphezulu leSafa lavuma ngokomgomo ukuthi iphrojekthi yeVAR iqhubeke emhlanganweni wango-9 no-10 May 2026.

Nokho, kwanqunywa ukuthi isabelomali, izindleko nenqubo yokuthengwa kwezinsiza kubuyekezwe ngaphambi kokuthi kube nezivumelwano.

I-Safa iphinde yabonisana nePSL, lapho ithimba le-VAR lethula khona lo msebenzi.

Le nhlangano ivumile ukuthi izinqubo zokubusa, ukuqinisekiswa kwemali nokuhlolwa kwezinkampani kuthathe isikhathi eside kunalokho obekulindelekile.

Kodwa igcizelele ukuthi “u-R20 million owatholwa emnyangweni awukasetshenziswa.”

Ithi yonke le mali “igcinwe iphephile kwi-akhawunti ehlukile, nenzalo eqoqiwe.”

Ngemuva kokuxoxisana ngo-18 August, umnyango unikeze iSafa ezinye izinsuku ezingu-21 zokuphothula izinqubo ezisasele nokuhambisa umbiko ophelele ngephrojekthi.