
U-Inácio Miguel neseluleko ‘ezintwaneni’ zeChiefs
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs u-Inácio Miguel seukhiphe umyalezo oqinile obheke kubadlali abasebancane njengoba bebheke ukuzinza eqenjini elikhulu ngesizini ezayo.
Ngokubonakale emidlalweni yobungani yeChiefs ngesikhathi sekhempu yayo eNetherlands, uNasreddine Nabi angase athembele kakhulu kubadlali abasebancane.
Yingakho uMiguel enomlayezo obheke kubo: ithalente lilodwa alanele — ukusebenza kanzima nokuzinikela kuphela okuzobenza izihlabani.
U-Inacio Miguel ube ngukaputeni weKaizer Chiefs ngesikhathi inqoba ngo 1-0 ihlula iPEC Zwolle ye-Eerdivisie ngoLwesibili.
Ubegcwele ukuncoma iqembu labo ebelindlanzana labadlali abasebancane abakwazile ukusiza iqembu lithole iwini yalo eyodwa kulolu hambo lwase-Europe.
Umgadli oneminyaka engu-19 ubudala uNaledi Hlongwane nguye oshaye igoli kulo mdlalo.
Ozakwabo abasebancane u-Aden McCarthy, uKabelo Nkgwesa noThulani Mabaso nabo bahlabe umxhwele.
Ekhuluma nesizindalwazi esisemthethweni sekilabhu ngaphambi komdlalo wabo wokugcina wobungani — la behlulwe khona ngo 2-1 yiFC Twente — uMiguel ushayele ihlombe ithalente elithembisayo eqenjini.
Kodwa ubakhumbuze ukuthi ukubamba umgqigqo owodwa nokukhuthala yikho kuphela okuzoba wukhiye ekunqumeni ukuthi bangahamba ibanga elingakanani ebholeni.
“UNaledi usezingeni elihle kakhulu futhi angaya kude ebholeni,” kusho uMiduel.
“Kodwa lesi yisiqalo nje. Ukushaya amagoli kumele kube wumkhuba kunoma yimuphi umgadli.
“Sinabadlali abaningi abasebancane abanamakhono: uHlongwane, uMabaso, uNkgwesa, uMcCarthy…
“Nokho, ithalente lilodwa alanele. Kufanele baqhubeke nokusebenza kanzima ukuthuthukisa umdlalo wabo.”
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala wase-Angola uphinde wagcizelela ukubaluleka kokufunda emaphutheni.
“Ukwenza amaphutha akuyona inkinga. Wukuwaphinda okuba yinkinga. Ibhola limayelana nokufunda nsuku zonke.”
Nakuba ejabule ngokunqoba kwiZwolle, uMiguel ugcizelele ukuthi imidlalo yokulungiselela isizini ngeyokuqinisa isisekelo hhayi ukujaha imiphumela.
“Ukwakha kubaluleke ngaphezu kwemiphumela uma kulundiselwlwa isizini. Sakha isisekelo seKaizer Chiefs.
“Sihlanganisa imibono yomqeqeshi, futhi sihlanganisa nabadlali abasha ukuze bazinze.
“Ngesizini edlule, sithwale kanzima ukuthola leyo bhalansi. Kodwa manje, izinto ziyalunga.
“Yilokho esikubonile ekusebenzeni kwethu sibhekene noZwolle,” kusho uMiguel
IKaizer Chiefs iqede uhambo lwayo lwaseNetherlands inqobe kanye, yahlulwa kane, futhi manje isizogxila kwinselelo yayo elandelayo.
Izobhekana ne-Asante Kotoko koweToyota Cup ngoJulayi 26 eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
