EzintshaMamelodi Sundowns

UMothobi Mvala usazokulwela ukubuyela kwiBafana

Lokhu kwenzeka naphezu kokuzithola esehlehlile ohlwini lwabadlali abaqala umdlalo kwiSundowns, futhi nendawo yakhe eqenjini lesizwe ingasaqinisekile.

Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala udlale imizuzu emihlanu nje kuphela ngesikhathi seFifa Club World Cup e-United States. 

Udlale ngesikhathi bebhekene neqembu laseSouth Korea i-Ulsan njengoba umqeqeshi uMiguel Cardoso eqoka ukuqala ngoGrant Kekana noKeanu Cupido. 

“Yinto yakhona ebholeni leyo… sizobona ukuthi kwenzekani ngeqembu lesizwe,” kusho uMvala kwiSowetan

“Ngizoshiyela konke kubaqeqeshi. Mina ngilawula izinto engikwazi ukuzilawula kuphela.”

UMothobi Mvala wagcina ukubonakala kwiBafana Bafana ngoSepthemba, ngesikhathi sokuhlungela i-Afcon bebhekene ne-Uganda neSouth Sudan.

Kodwa akazikhathazile kakhulu ngokuthi ubukeka esesilele kude kakhulu njengoba sekunabanye abadlali kule ndawo eqenjini likaHugo Broos. 

“Uma ngingangeni eqenjini lesizwe, nalokho kusalungile,” kuqhuba uMvala oqale ukuzakhela igama kwiHighlands Park. 

“Mina ngizoqhubeka nje nokusebenza ngokuzikhandla, futhi ngiyakholelwa kimina nasekhonweni lami. 

“Ngizogxila ekubuyeleni emgqigqweni wami ngethemba lokuthi ngizogwema ukulimala kule sizini ezayo.”

UMothobi Mvala ubengadlali ingxenye enkulu yomzuliswano wokuqala wesizini edlule ngenxa yokulimala edolweni.

Lokhu kulimala kube nomthelela ekutheni alahlekelwe yindawo yakhe eqenjini. 

Noma kunjalo, usabonga ngethuba lokufakwa eqenjini ebeliye kwiClub World Cup.

“Yebo, bengifuna ukudlala imizuzu eyengeziwe, kodwa uyazi, kwiSundowns umbamngo wezindawo uhlezi unzima. 

“Abafana bebenza kahle ngesikhathi ngibuya ekulimaleni,” kwengeza uMvala.

“Ukuba sebhentshini kukhombisa ukuthi umqeqeshi usakholelwa kimina ngoba kukhona abadlali ebesibashiye ngemuva. 

“Ngakho, kuyinto enkulu kimi ukuba seqenjini, nakuba ngingadlalanga kakhulu.”

Njengoba iSundowns isizophinde idlale imidlalo yasekhaya neyezwekazi ngesizini ezayo, uMothobi Mvala uzobe ehlose ukulwela ukubuyela eqenjini. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO