
I-Arrows iyaqhubeka nokuxebula umkhoma kwiRoyal AM
ILamontville Golden Arrows isiphinde yazixebulela umkhona ngokusayina omunye umdlali obesemabhukwini eRoyal AM.
Kubikwa ukuthi seyisayine umdlali wasesiswini osemncane kodwa othembisayo uSanele Radebe ngenkontileka yeminyaka emithathu.
Lo mdlali oneminyaka engu-18 ubudala ubezilolonga ne-Arrows kusukela ibuyele ejimini ukuqala amalungiselelo esizini entsha ngaphansi komqeqeshi uManqoba Mngqithi.
Futhi manje, ngokubika kweSowetan, usebe ngumdlali wakamuva osuka kwiRoyal AM ukujoyina ngokusemthethweni Abafana Bes’thende.
Ukugasela kwe-Arrows kuleli eqembu ebelizinze eMgungundlovu kuqale ngesizini edlule ngemuva kokuhlakazwa kwalo kulandela izinkinga zentela.
URadebe ungumdlali wesikhombisa obekwiRoyal AM osethathwe yi-Arrows kusukela iPSL ichithe leli qembu ezinhlakeni zalo.
Abafana Bes’thende iqale ngokusayina abadlali abanamava angcono oThabo Matlaba, uShadrack Kobedi, uSabelo Sithole, no-Ayanda Maxwele.
“USanele ugcine esayine kwi-Arrows. ngingakuqinisekisa lokho, futhi kube yisivumelwano seminyaka emithathu,” kucashunwe umthombo usho kanje.
Ngemuva kwezinyanga bengahooli nokuphela kwezinkontileka kwiRoyal AM, abadlali abaningi basale bengenamaqembu.
Lokhu bekusho ukuthi batholakala mahhala emaqenjini eBetway Premiership neMotsepe Foundation Championship abafunayo.
Omunye obengumdlali wasesiswini weRoyal AM, uSisanda Mbele, naye angase ahambe maduze.
Lo mdlali ohlaselayo okwamanje uziqeqesha neChippa United, kanti imithombo iveza ukuthi angase anikwe inkontileka maduze.
Nokho lokho kuncike ekutheni ahlabe umxhwele ithimba labaqeqeshi eliholwa uSinethemba Badela.
Khonamanjalo, abanye abadlali abebesemabhukwini eRoyal AM kuvela ukuthi bazama inhlanhla eqenjini elisha iSiwelele FC.
