
UFadlu Davids ushiye iSimba, wavumbuka kwelaseMorocco
Ngemuva kwamahora ambalwa eshiye iSimba SC yaseTanzania, uFadlu Davids useqokwe njengomqeqeshi omusha weziqhwaga zaseMorocco iRaja Club Athletic.
Isinqumo sokushiya uSimba kuthiwa besingelula kulo mqeqeshi waseNingizimu Afrika.
UDavids ubeseyithanda le kilabhu nabalandeli bayo abanothando, kodwa usenqume ukushiya ngenxa yokuphikwa yimpumelelo.
Ugejwe kabuhlungu ukunqoba iCaf Confederation Cup, iPremier League, neCommunity Shield kwisizini yakhe yokuqala kwiSimba.
Kuthiwa uhamba nje inhliziyo ibuhlungu. Nokho, ukuhamba kwakhe kuvula umnyango wokubuyela eqenjini alijwayele.
UFadlu Davids ubuyela kwiRaja, lapho ake wasebenza khona njengephini lomqeqeshi ngaphansi kukaJosef Zinnbauer ngesikhathi benqoba isicoco seligi bengazange bahlulwe nakanye.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Lo mlando, uhlanganiswe nekhono lakhe lamacebo okudlala ahlabahlosile, kumenze intandokazi yabalandeli okwenze kwalula ukuthi leli qembu limbuyise.
Njengoba zonke izivumelwano seziphothuliwe, uFadlu Davids uzobhekisa amabombo eMorocco, lapho ezojoyina khona iqembu elinezifiso ezinkulu.
FUNDA NALA | OweSiwelele uqinisekisa izinguquko
IRaja, efuna ukubuyela ekubeni yiqembu elibusayo ebholeni laseMorroc nase-Afrika, kuthiwa limkhulule ukuthi asayine noma baphi abadlali abafisayo.
KuFadlu Davids, leli yithuba lokuzibonakalisa njengomqeqeshi oyinhloko futhi abhale isahluko esisha emsebenzini wakhe.
