
I-Orlando Pirates ‘seyisise’ ngabanye abayoqiniswa ukhakhayi
Kubikwa ukuthi i-Orlando Pirates isikhiphe abanye abadlali ababili yabolekisa ngabo ukuze bathole ithuba elingcono lokudlala.
Umdlali wasemuva kwesokudla uSiyabonga Ndlozi nomgadli uSifiso Luthuli yibo abakamuva ukusiswa yiPirates kwelinye iqembu.
Basiswe kwelinye iqembu leBetway Premiership iMagesi FC ukuyosiza leli qembu laseLimpopo elilwela ukuphuma ezembeni.
BAYOQINISWA UKHAKHAYI
Ngokombiko weSportswire bobabili laba badlali sebevele bakhona kuleli qembu likaJohn Maduka eLimpopo.
Nokho i-Orlando Pirates isazokwenza isimemezelo esisemthethweni ngokuhamba kwabo eqenjini lika-Abdeslam Ouaddou.
Ukusiswa kwabo kuthathe amehlo njengoba uMagesi ihlelelwe ukubhekana ne-Orlando Pirates e-Orlando Stadium Januwari 31.
Ngokuhambisana nemithetho yabadlali ababolekisiwe, mancane amathuba okuthi badlale kulo mdlalo noma ngabe bakulungele.
UNdlozi oneminyaka engu-23 ubudala udlale okokuqala kwiPirates ibhekene neSekhukhune United ngoDisemba 2024.
USHUBILE UMBANGO WEZINDAWO
Kodwa kusukela lapho akabange esakwazi ukungena eqenjini njengoba engemuva kukaDeano van Rooyen, Thabiso Lebitso, noBandile Shandu emuva kwesokudla.
Ubonakale emidlalweni emithathu kuphela kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini, nokwenze ukuthi ikilabhu inqume ukumkhipha ayothola ukudlala njalo.
Khonamanjalo uLuthuli ubengakaze awudlale umdlalo osemthethweni kusukela ekhushulelwe eqenjini elikhulu kule sizini.
ULUTHULI UVEZE IKHONO
Udlale futhi washaya igoli ngoDisemba ngesikhathi iPirates inqoba iCarling Cup ngemuva kokuhlula iCarling All-Stars eMoses Mabhida Stadium.
Lo mgadli ulandela ngemuva kuka-Evidence Makgopa, Yanela Mbuthuma noBoitumelo Radiopane eqenjini lika-Ouaddou.
FUNDA NALA | UVelebayi ubhodla ngesimo esibi abhekane naso
Ukubolekiswa kwabo kulandela okwabanye iiPirates ebakhiphe ekuqaleni kwesizini namanje ngewindi likaJanuwari.
Balandela uYanga Madiba, Thuso Moleleki, Karim Kimvuidi, Goodman Mosele, Abdoulaye Mariko, Tshepho Mashiloane, Tshegofatso Mabasa noKabelo Kgositsile.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
