EzintshaOrlando Pirates

IPirates isuse isasasa ngoMonnapule Saleng

IPirates izogadulisana neMarumo Gallants kulo mdlalo ongeSonto ngo-3 ntambama e-Olrando Stadium.

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala sekunesikhathi engabonakali eqenjini lomqeqeshi uJose Riveiro ngemuva kokuqala isizini evutha amalangabi.

UMonnapule Saleng kuvele imibiko ethi waxabana nabaphathi be-Orlando Pirates kubangwa indaba yokwenyuselwa imali.

Lokhu kwenze lo mdlali wasesiswini wanyamalala ejimini yeqembu, kodwa manje kuthiwa usebuyile futhi uyaziqeqesha neqembu.

Kubikwa ukuthi uMonnapule Saleng usenemasonto amabili ebuyele eqenjini elikhulu lePirates futhi usebenza kanzima ukuze athole indawo yakhe.

Uthwetshulwe eneqembu ngesikhathi lilungiselela umdlalo wangeSonto weNedbank Cup owandulela owamanqamu neMarumo Gallants.

USaleng ugcine ukubonakala emdlalweni osemthethweni wePirates ekuqaleni kukaDisemba ngo-2024.

Nokho uqokwe ukuthi adlalele iBafana Bafana emdlalweni we-African Nations Championship ngoMashi.

Kodwa ngokuhamba kwesikhathi wadedelwa kanti kukholakala ukuthi yingoba i-Orlando Pirates yacela ukuba abuye.

IPirates isajaha izicoco kwiBetway Premiership, iCaf Champions League neNedbank Cup.

Futhi uSaleng angaba ngumdlali obalulekile njengoba iqembu liphushela ukunqoba le miqhudelwano.

Okwamanje, iPirates ilungiselela ukusingatha iMarumo Gallants emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup e-Orlando Stadium ngeSonto.

Kukholakala ukuthi lo mdlalo ungabona ukubuya kukaSaleng osekunesikhathi eside elindelwe eqenjini.

Akungabazeki ukuthi ukubuya kwakhe yinto engemukelwa ngenhlokomo enkulu e-Orlando Stadium. 

Ngemuva kwalowo mdlalo, izobe sebyilungiselela umdlalo owandulela owamanqamu kwiChampions League nePyramids FC eFNB Stadium ngoMgqibelo ozayo.