EzintshaOrlando Pirates

IPirates nesimemezelo ngokudayiswa kwawedabhi

I-Orlando Pirates isiqinisekise ukuthi sekudayiswe amathikithi angaphezu kuka-40 000 omdlalo wayo obhekwe ngabomvu. 

 Lo mdlalo – owaziwa ngeSoweto Derby, uzoba ngoFebhuwari 1 eFNB Stadium.

IPirates yiyo ezobe ingomkhaya kulo mdlalo ezobe igadulisana kuwo nomkhaya bayo baseSoweto, iKaizer Chiefs. 

 Kuzobe kungumdlalo wokuqala phakathi kwalamaqembu kule sizini ka-2024/25 kanti usuvele ubhekwe ngabomvu.

Abalandeli balamaqembu kade baqala ukuklolodelana futhi befunga ukuthi luyoze lufike usuku lokukhiphana inkani.

 NgoLwesithathu, iPirates ikhiphe isitatimende esifishane imemezela ngokudayiswa kwala mathikithi.

“Amathikithi athengiswa ngokushesha. Angaphezu kuka-40 000 amathikithi asedayisile yize kusasele amasonto angaphezu kwamabili,” kusho le kilabhu.

Amathikithi asele aqala ku-R100 futhi atholakala ezitolo ze-TicketPro ezweni lonke.

IStadium Management South Africa (SMSA) nayo yethule uhlelo lokupaka bese ukugibela ibhasi elikusa enkundleni.

 Lokhu kuhloswe ngakho ukwehlisa isiminyaminya sezimoto futhi kunikeze abalandeli indlela elula yokufika eFNB Stadium.

Lolu hlelo lusebenze kahle ngesikhathi sekhonsathi yakamuva kaChris Brown, abalandeli abangu-20 000 balusebenzisa ngempumelelo.