
UTau ‘uyalunkonkozela’ ucingo lweChiefs – umbiko
- Intatheli yeLISENETHINI
UPercy Tau kuvela ukuthi uvele alubuke lukhale luze luzithulele ucingo ashayelwa lona yiKaizer Chiefs.
Lo mdlali , oseneminyaka engu-30, ujoyine izinkunzi zase-Egypt i-Al Ahly SC ngo-2021 ngaphansi komqeqeshi uPitso Mosimane.
Lo mgadli onamava ubesuka eqenjini le-English Premier League, iBrighton and Hoves FC ngaleso sikhathi.
Usekhule futhi wafunda okuningi kusukela efike kwi-Al Ahly kanti kuvela ukuthi kuneqembu lakuleli elicele ukudayiselwa yena.
Ngokwemibiko evela e-Egypt, leli qembu yiKaizer Chiefs enxuswe umqeqeshi wayo omusha uNasreddine Nabi ukuthi limsayinele uTau.
Lo mbiko ucaphune imenenja yeChiefs uGerald Sibeko evuma ukuthi bazamile ukuthinta uTau, kodwa walunkonkozela ucingo.
“Impela (iChiefs) ifuna ukusayinisa uPercy Tau ngokwesicelo somqeqeshi,” kusho uSibeko ngokwe-website yaseGibhithe, i-ElbaladSport.
“Ngebhadi uPercy Tau akafuni ukulubamba ucingo lwethu. Nanamuhla (ngoLwesibili) simshayele, akasiphendulanga.”
Ngesikhathi kufika isicelo osekukholakala ukuthi ngeseChiefs, umqeqeshi kaTau kwi-Al Ahly, uMarcelo Kohler kuthiwa uvumile ukuthi engadayiswa.
Kodwa kuthe uma sekuya kuye umdlali, wanqaba. Kuvela ukuthi ubheke ukuya kwiWydad Athletic eMorroco noma eMiddle East.
OLUNYE UDABA: USpencer uyibona izohlangana kahle iChiefs kulokhu
KwiWydad ufunwa uRulani Mokwena ake wasebenza naye kwiMamelodi Sundowns phambilini.
