
Isangoma sezulu nezimuncu ngoweCity nePirates
- Sibongiseni GUMBI
I-PSL ingase iphinde ibhekane nesinqumo esinzima mayelana nomdlalo weMTN8 phakathi kweCape Town City ne-Orlando Pirates.
Lo mdlalo ohlelelwe ukuba seDHL Cape Town Stadium bekumele ube ngoLwesibili kodwa wahlehliselwa uLwesithathu ngenxa yesimo sezulu esibi eKapa.
Nokho, isimo sezulu singase siphinde sibe yinkinga nangoLwesithathu, okungadala ukuthi uphinde uhleliswe lo mdlalo.
Isangoma sezulu, uLehlohonolo Thobela, ekhuluma kwiGame ON kuRadio 2000 ngoLwesibili ebusuku, sizwakalise ukukhathazeka.
“Izimo zinzima kakhulu futhi uyaqonda ukuthi kungani umdlalo uhlehliswe,” kusho uThobela.
“Sibhekene nomoya oyisivunguvungu nezimvula ezinamandla, hhayi eKapa nje kuphela, kodwa nasezindaweni ezakhele nayo.
“Ngisho nakusasa, isimo sibukeka singesihle neze,” kwengeza uThobela, eveza ukuthi umdlalo ungase uuhlehliswe futhi.
Uma umdlalo uphinda uhlehliswa, iPSL ingase izithole seyibhekene nenkinga ekuhlelweni kwemidlalo.
Imidlalo yeligi isivele ihlelelwe ukuthi ithothelane njengoba iBetway Premiership izoqala maphakathi noSepthemba.
Noma ikuphi ukubambezeleka okwengeziwe kungase kubangela ukuminyana okwengeziwe kwemidlalo.
Umlenze wesibili walo mdlalo owandulela owamanqamu phakathi kweCity nePirates uzokuba ngoMgqibelo e-Orlando Stadium, eGoli.
OLUNYE UDABA: ISpurs isavulelekile ekudayiseni ‘uma imali ifanele’
Ukuhlehliswa kungase kuphazamise amalungiselelo awo womabili amaqembu nohlelo lonke lomqhudelwano.
