EzintshaKaizer Chiefs

USpencer uyibona izohlangana kahle iChiefs kulokhu

  • Alfred NGUBANE

IChiefs isayine abadlali abahlanu okwamanje okungoBongani Sam, Gaston Sirino, Inacio Miguel, Rushwin Dortley noFiacre Ntwari.

“IChiefs isayine kahle, abadlali babhalanse kahle kodwa iKaizer Chiefs kuzomele iphinde yengeze ngabadlali ababili noma abathathu ukuqinisa Isikwati.

“Lokhu kumele ikwenze ingakaqali imidlalo yeBetway Premiership,” kusho uSpencer. 

IChiefs izoqala ukhankaso wayo weligi ngoSepthemba 14 la izobhekana khona neMarumo Gallants eFree State Stadium, eBloemfontein. 

“Isimo seqembu sihle kakhulu uma ubheka abadlali abakhona njengamanje. 

“Ngibabone eBloemfontein ngesikhathi bedlala umdlalo wobungani neYoung Africans yaseTanzania.” 

IChiefs ivele isaqhubeka nokuthungatha abadlali ezoqinisa ngabo, ikakulukazi phambili. 

Isike yamataniswa nabagadli abadlala e-Egypt oPery Tau noFiston Mayele kodwa umqeqeshi uNasreddine Nabi uthe ngamampunge lawo.

Ukuqhubeka nokuzilungiselela ukuqala kwesizini, iChiefs isaqhubeka nokudlaa imidlalo yokuzwana amandla.

Ngempelasonto edlule beyishikilisana neHighlands park FC edlala kwi-ABC Motsepe League yaseGauteng.