EzintshaOrlando Pirates

IPirates iqinisekisa imidlalo yayo yokuqala

I-Orlando Pirates izoqala umkhankaso wokuvikela isicoco seBetway Premiership phambi kwabalandeli bayo e-Orlando Stadium.

IPremier Soccer League imemezele uhlelo lwemidlalo yesizini ka-2026/27 ngoLwesine, kwavela ukuthi amaBhakabhaka azoqala ngokwamukela iMilford FC ngoMgqibelo, ngo-Agasti 1 ngo-3.30 ntambama.

IMilford isanda kunyukela esigabeni esiphezulu ngemuva kokunqoba emidlalweni yokuhlunga, ishiya iCape Town City neMagesi FC bencela izithupha.

Iqembu lika-Abdeslam Ouaddou ngeke libe nesikhathi sokuphumula njengoba ngemuva kwesonto elilodwa lizobe seliqala ukuvikela iMTN8 ngokubhekana neDurban City ekhaya ngo-Agast 8.

Ngemuva kwalokho, i-Orlando Pirates izovakashela AmaZulu ngo-Agasti 12, bese ibhekana neChippa United eGqeberha ngomhla ka-16.

Izobe isibuyela e-Orlando Stadium ngo-Agasti 25 lapho izokwamukela khona iSekhukhune United.

Ngaphambi kokuqala kwesizini, Amabhakabhaka azoya eSpain ngoLwesihlanu ukuyolungiselela isizini eMarbella kusukela ngoJulayi 12 kuya ku-25.

Ngesikhathi iseSpain, i-Orlando Pirates izodlala imidlalo yobungani emihlanu ukuzizwa amandla nokuzikala izinga layo.

Izobhekana neCórdoba CF, Cádiz CF, Al-Ittihad Club, Neom neLas Palmas njengoba ilungiselela isizini enzima ezayo.