
OweGallants uchaza okwenze ‘ahlaze’ u-Otladisa
Ubonakale eswele umgodi wokucasha umdlali we-Marumo Gallants u-Katlego Otladisa ngesikhathi ekhishwa esadlale imizuzu engu-20 emdlalweni wangeSonto.
Okwenze lokhu kubabe kakhulu kulo mdlali wukuthi kwenzeke ebhekene neqembu lakhe lakudala okungangabazeki ubenesifiso sokulijezisa.
Manje umqeqeshi weGallants uRonnie Kanalelo usechaze isizathu esenze akhishwe lo mdlali ngemuva kwemizuzu engu-20 kuphela emdlalweni ne-Orlando Pirates ngeSonto.
IBahlabane Ba Ntwa ihlulwe ngo-2-0 yiPirates kulo mdlalo weBetway Premiership obuseRoyal Bafokeng Stadium.
Nokho ukukhishwa kuka-Otladisa umdlalo usanda kuqala kube ngenye yezinto obekukhulunywa ngazo kakhulu.
Lo mdlali wasophikweni ubengabonakali elimele ngesikhathi ekhishwa, okwenze kwaphakama imibuzo ngesinqumo sikaKanalelo.
Lo mqeqeshi osanda kuthatha izintambo kwi-Marumo Gallants uthi ubengajabule ngendlela u-Katlego Otladisa abenza ngayo enkundleni.
“Bengingajabule ngendlela abenza ngayo uma kumele sivale emuva. Ubengasisizi kulokho,” kusho uKanalelo.
“Ubethatha kude ukubuya azosiza. Kube nezikhathi lapho elahlekelwa khona yibhola bese ecasha.”
IGallants nayo ibe namathuba okushaya amagoli kodwa yehluleka ukuwasebenzisa.
“Sibe namathuba amabili — elinye umdlali ubhekane nonozinti ngqo, kanti ngaphambi kwalokho sibe nethuba lika-Etemesi kodwa sahluleka ukuwasebenzisa.”
- FUNDA NALA | U-Ouaddou nenselelo kwizingwazi zeBucs
Amehlo manje asezobheka kulo mqeqeshi we-Marumo Gallants ukuthi ublungisa kanjani ubudlelwano no-Katlego Otladisa ukuya phambini.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
