
I-Uganda inqabile ukuthunywa uphuthu, yaphoxa ezikaNtseki
INingizimu Afrika ihlulwe kabuhlungu iwashiswa ijezi kwiChampionship of African Nations (Chan) ngemuva kokubambana ne-Uganda ngo 3-3 emdlalweni wokugcina esigabeni samaqoqo.
Iqembu lakuleli, elicijwa nguMolefi Ntseki bekufanele liwunqobe lo mdlalo wokugcina esigabeni samaqoqo ukuze lidlulele esigabeni somkhumulajezi.
Futhi bekubukeka selikwenzile ke lokho njengoba belihamba phambili ngo 3-1 sekusele ngaphansi kwemizuzu eyishumi umdlalo uphele.
Nokho izinto zivele zayijikela ekugcineni, i-Uganda yacabanga seyivumile ukuyothenga uphuthu ukuthi ngeke, lokhu kuzoyenza iminqolo njengoba beyisekhaya nje.
Ibekelwe amaphenathi amabili emizuzwini yokugcina yomdlalo, yakwazi ukuthola amagoli amabili enze umdlalo waphela ngo 3-3.
Lo mphumela uvune yona-Uganda ngoba iqede inamaphuzu aayisikhombisa, ihlezi phezulu kuGroup C, iNingizimu Afrika yaqeda endaweni yesithathu.
Lo mqhudelwano weChan udlalelwa emazweni amathathu aseMpumalanga ye-Afrika – i-Uganda, Tanzania neKenya.
Emdlalweni wangoMsombuluko ebusuku, i-Uganda ilishaye kuqala igoli eliyibeke ethubeni elihle lokudlulela phambili. Lishaywe nguJude Ssemugabi ngomzuzu ka-31.
Nokho esiwombeni sesibili iNingizimu Afrika ikwazile ukushaya amagoli amabili asheshayo ayenze yalinganisa, yaphinde yahamba phambili.
Lamagoli ashaywe ngoRamahlwe Mphahlele noThabiso Kutumela. UNdabayithethwa Ndlondlo ubesethi uqedile nge-Uganda eshaya elesithathu ngomzuzu ka-83.
FUNDA NALA | UGamildien uveza imali enkulu ayihole ebholeni
Nokho i-Uganda ithole iphenathi ngomzuzu ka-88, u-Alan Okello wayinamathisela enethini.
Unompempe ube esengeza isikhathi esiningi – imizuzu eyisishiyagalombili – nokuyilapho i-Uganda ibekelwe enye iphenathi ngomzuzu wesithupha wesikhathi esengeziwe.
Kulokhu kube sekuphakama uRogers Torach wayibeka enethini yize unozinti welakuleli, uSamkelo Xulu ezamile ukuyivimba.
