
Isililo kushona owaseZimbabwe owaduma kwiPirates
Sekugcine kumenele uTendai Ndoro owayengumdlali ophambili kwi-Orlando Pirates eminyakeni edlule futhi ongowokuzalwa eZimbabwe.
Izindaba zokushona kukaNdoro zivele ngoMsombuluko ebusuku, kanti kuthiwa ushonele endlini abehlala kuyo.
Kuvela ukuthi utholakale esethule ngoMsombuluko ntambama kanti imininingwane eminingi ngalesi simo beyingakacaci.
Nokho imiyalezo yokukhalisana nomndeni nabangani bakhe seyiqalile ukungena ilakanyana, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana.
UNdoro ubengumgadli ohamba phambili kwiPirates phakathi kuka-2015 no-2017, futhi ubengaconsi phansi kubalandeli ngaleso sikhathi.
Wasuka kwiPirates wayodlala kwi-Al-Fasaly eSaudi Arabia, nokho akangahlala isikhathi eside khona ngaphambi kokubuyela kuleli.
FUNDA NALA | I-Uganda inqabile iBafana ifuna ukuyenza iminqolo
Ube esedlala kwi-Ajax Cape Town, kanti ugcine ukudlala kwiHighlands Park ngo-2020 ngaphambi kokuthi awagaxe emgibeni amakhokho.
Ushone ngemuva kokuxinwa wukugula obekungakadalulwa ukuthi bekuyisifo sini eseneminyaka engu-40 ubudala.
