EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

IPirates ibuye ngemuva yanqoba, kubhedile kwiChiefs 

I-Orlando Pirates ikhombise ukuqina ibuya kade seyilandela ngemuva yanqoba iCádiz CF yaseSpain ngo 2-1, kwathi iKaizer Chiefs yona yahlulwa ngo 2-1 yi-Elche CF ngoMgqibelo ebusuku.

IPirates iqale kabi ngesikhathi u-Ibon Sánchez eshaya igoli ngomzuzu wesine ngemuva kokusebenzisa iphutha lasemuva.

Nokho, amaBhakabhaka asheshe aziphindiselela. UTsepang Moremi ushaye igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-11 ngebhola elihle alishaye engaphandle kwebhokisi.

UMoremi uphinde waba nesandla egolini lesibili ngesikhathi enika uDaniel Msendami iphasi enhle, washaya igoli lokunqoba ngomzuzu ka-44 ngaphambi kwekhefu.

I-Orlando Pirates ibe isibamba lo mphumela kwaze kwaphela umdlalo, yaqopha ukunqoba kwayo kokuqala eSpain.

Lokhu kulandela umdlalo wayo wokuqala lapho ibambane khona ngo 1-1 neCórdoba CF, la uBoitumelo Radiopane eshaye khona igoli lokulinganisa sekusele isikhathi esincane.

Ngakolunye uhlangothi, i-Kaizer Chiefs iqede uhambo lwayo lwaseSpain ngokuhlulwa ngo 2-1 yi-Elche CF.

Amakhosi azithole esesalele emuva ngo 2-0 ngaphambi kokuba u-Asanele Velebayi ashaye igoli elimangalisayo. 

Uwine ibhola ngaphandle kwebhokisi, wadlula kubadlali abaningana ngaphambi kokushaya ibhola ngamandla langena enethini.

Yize iChiefs izamile ukubuya, yehlulekile ukuthola elokulinganisa umdlalo waphela ngo 2-1.

I-Kaizer Chiefs isizobuyela ekhaya, kanti i-Orlando Pirates isazohlala elinye iviki eSpain njengoba iseemidlalo emithathu yokuzizwa amandla.