
UMaqokolo uchaza ngephutha eliphuce Usuthu iqatha emlonyeni
Usale kuthi akazikhahlele umdlali waMaZulu FC u-Athini Maqokolo njengoba edlale kahle, kodwa wenza iphutha elibalahlekisele ngamaphuzu amabili.
Lo mdlalo wasophondweni ube nesandla egolini lesibili loSuthu, nelesibili leSekhukhune ePrincess Magogo Stadium.
Lo mdlalo weBetway Premiership obungoMsombuluko kusihlwa uphele zibambene ngo 2-2 – kwazelwana amaphuzu.
U-Athini Maqokolo uqokwe njengomdlali obevelele nokuyinto okufanele ngabe uyazigqaja ngayo.
Kodwa ekhuluma ngemuva komdlalo uzwakale enokudumala ngokuthi ube nesandla ekutheni amaphuzu aphelele aphume esesikhwameni soSuthu.
“Iplani yethu bekuwukuthi umdlalo sisheshe siwuqede ngesiwombe sokuqala,” kusho u-Athini Maqokolo.
“Kodwa ngeshwa asikwazanga ukuwasebenzisa kahle wonke amaphuzu esiwakhile.
“Njengoba bezishintshe kungu 1-1, bese sihlele ukuthi siphinde sisheshe sithole elinye igoli.
“Sikwazile ke ukukwenza lokho, kodwa kwabe sekwenzeka iphutha, bakwazi ukuphinde balinganise.”
Ube esebuzwa ngaleli phutha alenzile, u-Athini Maqokolo wavele walihlanza iqiniso ngabezama ukukwenza.
“Bengithi ngifuna sigcine ibhola njengoba bese sivele sihamba phambili,” kuchaza yena.
“Kodwa ngeshwa iphasi yami yaba ncane.” Kulapho ke ibhola lithilwe yiSekhukhune, yahlasela, yathola igoli lesibili.
Lo mphumela uvimbe Usuthu ukuthi lubuyele endaweni yesithathu kwilogi kodwa asame kahle njengoba ekweyesine yize esedlale imidlalo eminingi kunamaqembu angenhla kwawo.
Asezoze abuyele enkundleni ngempelasonto njengoba ezovakashela iSiwelele FC eBloemfontein.
