
Ingcindezi eyengeziwe ikwiChiefs hhayi iPirates – Mark Fish
Umdlalo wamanqamu weNedbank Cup ozayo phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ubalulekile kuwo womabili lamaqembu, ngezizathu ezehlukene.
Lowo ngumbono wowayengumdlali wePirates u-Mark Fish. Ukholwa wukuthi kwiPirates lona “ngomunye nje umdlalo,” kanti kwiChiefs usho lukhulu.
“Wumdlalo wamanqamu wendebe, ngakho-ke kusobala ukuthi wumdlalo omkhulu kuwo womabili amaqembu,” kusho u-Mark Fish.
“Kodwa uma sibheka isimo sawo womabili lamaqembu, lo mdlalo mkhulu kakhulu kwiChiefs. KwiPirates, wumdlalo nje.”
IPirates ihlose ukwenzeza lesi sicoco ukuze ibe nezimbili kule sizini, isinqobe okwesithathu kulandelana.
Isizini yayo ayiyimbi njengoba ihlabe umxhwele kwiCaf Champions League ngokufinyelela kowandulela owamanqamu kule sizini.
Isivele inesicoco seMTN8 esinqobe ekuqaleni kwesizini, kanti nakwiligi isendaweni yesibili ezoqeda kuyo uma igcina yehlulekile ukudlula iMamelodi Sundowns.
U-Mark Fish uthi ngokomgqigqo, iPirates yiyo ebukeka isesimweni esihle sokudla le ndebe.
“IPirates isiyijwayele imidlalo enengcindezi ephezulu. Ibidlala ezingeni eliphezulu (kwiChampions League). Ngilindele ukuthi bakwazi ukumelana nalena.”
Ngakolunye uhlangothi iChiefs isajaha indebe yayo yokuqala enkulu eminyakeni eyisishiyagalolunye.
“Abadlali nethimba labaqeqeshi bayazi ukuthi yini abayilwelayo,” kuqhuba uFish.
“Sesiside isikhathi kunesomiso sezindebe. Lo mdlalo wamanqamu mkhulu kakhulu ekilabhini nakubalandeli kwiChiefs.”
Yize ethi yiChiefs okumele ilwe ngamandla, uMark Fish usalethemba iqembu lakhe lakudala ukuthi lizonqoba.
“Akunzima ukuqagela ozonqoba. IPirates yiyo ebhekiwe Izowenza umsebenzi.”
Wengeze ngokuthi uzobe engekho enkundleni ukubuka lo mdlalo, kodwa ulindele ukubona amaBhakabhaka ephakamisa enye indebe.
Lo mdlalo obhekwe ngabomvu uzoba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo kanti uzoqala ngo-3.30 ntambama.
