EzintshaOrlando Pirates

ElaseFrance lizoshwebisa i-Orlando Pirates ngesitobha seBafana

Kodwa manje kuvela ukuthi lo mdlali usehehe iqembu lase-Europe futhi lisha amashushu ngaye.

Kuke kwanemibiko ethi i-Orlando Pirates ihalela umdlali wasemuva kwesokunxele weBabina Noko, uVuyo Letlapa njengomunye wabadlali efuna ukuqinisa ngabo ngesizini ezayo.

Kodwa manje iSunday World ibika ukuthi ingase ishwebe njengoba sekuneqembu leFrance Ligue 1 i-OGC Nice esiqale izingxoxo zokumsayina.

Isivumelwano ngalo mdlalo weBafana Bafana kuvela ukuthi sezisezingeni eliphezulu futhi sekuqedelwa imininingwane ethile nje.

Kuvela ukuthi lizomthenga ngemali elinganiselwa ku-R20-million, kanti uma leli qembu limdayisa, iSekhukhune iyothola u-30% wemali eliyomdayisa ngayo.

Lo mbiko uthi ophambili kulezi zingxoxo yimenenja yabadlali elethe uGlody Lilepo kwiKaizer Chiefs ngoJanuwari.  

NgoMashi, lo mdlali odlala kwesokunxele emuva ungene kwiBafana okokuqala ngesikhathi izodlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba neLesotho neBenin.

Lokho kwenzeke ngemuva kokuthi ukudlala kahle kwakhe kuhlabe umxhwele abaqeqeshi beqembu lesizwe uHugo Broos noHelman Mkhalele.

ULetlapa, oneminyaka engu-21, usayine kwiBabina Noko ngaphambi kokuqala kwale sizini eduka kwiJomo Cosmos edlala kwi-ABC Motsepe League eGauteng.

Umnikazi weCosmos uJomo Sono uke waba ngumqeqeshi weBafana futhi ungumuntu ohlonishwayo ngokubona ithalente kubadlali abasebancane.

Usevundulule inqwaba yabadlali abagcine beyizihlabani emaqenjini amakhulu ebholeni lakuleli naseqenjini lesizwe.

Ekuqaleni kuka-2024, uLetlapa, odabuka eBushbuckridge, eMpumalanga kwakufanele ayojoyina ikilabhu yaseLithuania i-FK Banga Gargždai.

Nokho lokho kugcine kungenzekanga njengoba iCosmos beyisenemidlalo kwiligi yayo futhi imdinga kakhulu.