
IChiefs isigobe uphondo ngoLilepo, ukhonjwa e-Egypt
Kuvela ukuthi sekusele amathizethize kuphela ngaphambi kokuthi i-Kaizer Chiefs iphothule izingxoxo zokudayisa umgadli wayo waseDemocratic Republic of Congo, u-Glody Lilepo.
Kubikwa ukuthi izingxoxo sezifinyelele esigabeni sokugcina neqembu laseLibya i-Al Ahly Benghazi.
Ngokombiko weFARPost amaqembu asevumelene cishe ngazo zonke izinto ezimqoka.
Kuthiwa noLilepo usevumelene ngemibandela yakhe neqembu lakhe elisha, sekusele ayohlolwa bese eyasayina.
Ukungahambi kuka-Glody Lilepo ne-Kaizer Chiefs ngesikhathi iya ekhempini yayo yokulungiselela isizini eSpain sekuyacaca bekungenxa yalezi zingxoxo eziqhubekayo.
I-Al Ahly Benghazi kubikwa ukuthi ifake isicelo esihambisana nemali enhle, okuyisona esenze iChiefs yavuma ukudedela lo mgadli ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 naye kubikwa ukuthi uyakwamukela ukubuyela eNyakatho Afrika, lapho ake wadlala khona kahle kwi-Al Hilal yaseSudan.
Phambilini bekukhona ne-AS FAR Rabat yaseMorocco ebikhombisa intshisekelo, kodwa i-Al Ahly Benghazi ibonakala isiphumelele emjahweni wokumsayinisa.
U-Glody Lilepo uzoshiya igama elihle kwi-Kaizer Chiefs. Waba yingxenye yeqembu elanqoba iNedbank Cup ngo-2025 ngaphansi kukaNasreddine Nabi.
- FUNDA NALA | URulani usekwiPyramids ngokusemthethweni
Selokhu efikile kwiChiefs, useshaye amagoli angu-15 wakhela ozakwabo amahlanu emidlalweni engu-56.
Uma kungabikhona okuguqukayo, kulindeleke ukuthi maduze kumenyezelwe ngokusemthethweni ukujoyina kwakhe i-Al Ahly Benghazi.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
