Ezintsha

UGamildien uveza imali encane nenkulu asake wayihola ebholeni

Lo mdlali njengamanje akanaqembu kulandela ukulaxazwa yiDurban City ayisize ukunqoba iMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule. 

Engxoxweni abe nayo nabeKickOff muva nje, uGamildien uveze ukuthi uqale ukuthola onzumbulwana ngebhola ngo-2009 eneminyaka engu-18 ubudala. 

“Isheke lami lokuqala lomholo ebholeni ngalithola ngikwiSantos ngesikhathi isadlala kwiVodacom League (osekuyi-ABC Motsepe League),” kusho uGamildien. 

“Kwakungu-2009 ngesikhathi ngithola leli holo lokuqala ngemuva kokuba ngikhushulelwe eqenjini elikhulu ngisuka enkulisa yeqembu. 

“Kwakungu-R1 500 ngenyanga, futhi ukukhuluma iqiniso nje, ngangisesesikoleni ngaleso sikhathi. 

“Ngakho leyo mali yangenza ngakwazi ukusiza umama. Ngangineminyaka engu-18 ubudala ngaleso sikhathi.” 

Uthi ngale mali yakhe yokuqala wahamba wayothenga amakhokho ayekade ewahalela, kodwa ngoba ayebiza, wawakhokhela ngesitolimende.

Imali eyasala lapho wayisa kunina yonke ukuze avale lapho kushoda khona ezindlekweni zasekhaya. 

Kusukela lapho, uGamildien usedlale amaqenjini amaningi ehlukene ezigabeni ezikhokhelayo futhi ungomunye wabadlali baphambili abanamava.

Lo mgadli oneminyaka engu-36 manje uthi ngamava anawo unesiqiniseko sokuthi iqembu adlala kulo uzolishayela amagoli ngakho akahleki uma kuziwa emalini ayifunayo. 

“Ngezinga engikulo njengamanje, akumele ngihole imali engaphansi kuka-R100 000. Sikhuluma ngesiqiniseko samagoli lapha.

“Ngike ngawuhola u-R100 000 ngenyanga kodwa lokho kwenzeke ngasekupheleni kwenkontileka yami kwiRoyal AM ngoba ngangifunwa amaqembu amaningi.”