Betway PremEzintsha

Seziqalile ziyayishuka imbodla kumqeqeshi welePSL

Sekuvele ukuthi izembe seliloliwe futhi lingase likhale maduze komunye wabaqeqeshi kwiBetway Premiership.

Cha, ugejile impela. Akunguye uBrandon Truter weChippa United edume ngokushesha ukuxosha abaqeqeshi. 

Ngokubika kweSoccer Laduma, ingcindezi iyakhula kumqeqeshi weDurban City uKhalil Ben Youssef ngemuva kokuqala kabi kwesizini ka-2026/27.

Lo mqeqeshi waseTunisia waqokwa ngaphambi kokuqala kwale sizini ngemuva kokushiya kwiKaizer Chiefs, lapho ayesebenza khona noCedric Kaze.

UBen Youssef wangena esikhundleni sikaPitso Dladla, obecij iDurban City ngesizini edlule futhi wayinqobisa iMTN8.

IDurban City ayiqalanga kahle kule sizini ngaphansi kwalo mqeqeshi obethwelwe ngeqoma.

Ngemuva kwemidlalo emithathu yeligi, leli qembu alikawini nowodwa. 

Linamaphuzu amabili ngemuva kokudlala ngokulingana kabili nokuhlulwa kanye.

Njengamanje lisendaweni ka-12 kwiBetway Premiership. Kubikwa ukuthi le miphumela seyenze abaphathi baqaphe kakhulu umsebenzi kaBen Youssef.

Lo mqeqeshi useke waveza ukuthi yena nebhodi bavumelene ngokuhlola umsebenzi wakhe ngemuva kwemidlalo engu-15. 

Okwamanje usaqhubeka nokuba ngumqeqeshi, kodwa imidlalo ezayo isibaluleke kakhulu ngekusasa lakhe.