
EzePirates ziguqise iChiefs neDowns kowezingwazi
Izingwazi ze-Orlando Pirates zikhumbuze abalandeli ezazikwenza ngezikhathi zazo.
Lezi zingwazi zibajabulise abalandeli ngebhola elinenkosi phaphathi ngesikhathi zinqoba iKwa-Ndebele Legends Tournament ngempelasonto.
Zibhaxabule ezeMamelodi Sundowns ngo 3-0 kowamanqamu ukuze kube yizo ompetha bokuqala balo mqhudelwano.
Le midlalo beyiseKameelrivier Stadium eGa-Morwe, lapho abalandeli bekhunjuzwe khona izikhathi zakudala.
Le midlalo ibihlanganisa izihlabani zakudala zebhola laseNingizimu Afrika eziphuma emaqenjini amathathu amakhulu – iPirates, Sundowns neKaizer Chiefs.
AmaBhakabhaka azibekisele indawo kowamanqamu ngokunqoba ngo 3-2 kowandulela owamanqamu ehlula iChiefs.
Lo mdlalo bewushubile futhi kucaca ukuthi namanje lezi zingwazi zisenamagqubu ngombango weSoweto derby yodumo.
ULebogang Mokoena, uKatlego Mashego, noJoseph Ngake yibo abashaye amagoli ePirates emdlalweni wokuqala.
UJimmy Jambo yena ushaye womabili awaMakhosi, kodwa kwasho khona ukuthi ihlanhla beyingakuMabhakabhaka.
Ngakolunye uhlangothi iSundowns yona idlulele kowamanqamu ngemuva kokuhlula iKwa-Ndebele Legends komunye umdlalo owandulela owamanqamu.
Kowamanqamu, i-Orlando Pirates ivele yagila izimanga, yakhomba ukuthi ifuna ukukhonya kulo mqhudelwano.
UMashego nguye obe yiqhawe leZimnyama eshaya amagoli amabili, kwathi uMpho Makola wengeza elesithathu ukuze banqobe isicoco.
Lo mqhudelwano awugcinanga nje ngokuhlinzeka ngebhola elivusa amadlingozi kodwa ububungaza nefa elicebile lebhola laseNingizimu Afrika.
