EzintshaMamelodi Sundowns

Isiqalile ihlanza indlu iSundowns – sekuchithwe abahlanu

Ikilabhu kudingeke ukuthi ibambezele ukumemezela abadlali abakhululwayo njengoba kade idlala kwiFifa Club World Cup e-US ngenyanga edlule. 

Ibuyele kuleli ngesonto eledlule kulandela ukuthi ikhishwe esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano yize idlale kahle. 

Futhi manje sekugxilwe ekunciphiseni isikwati njengoba umqeqeshi uMiguel Cardoso wayephakamisile phambilini. 

NgeSonto, iMamelodi Sundowns iqinisekise ukuhamba kukaLebohang Maboe noRivaldo Coetzee.

NgoMsombuluko ekuseni, ibe seyimemezela ukuthi sekukhululwe abanye abadlali abahlanu okuhlanganisa noSipho Mbule.

UMbule usevele ke ulitholile ikhaya elisha njengoba eseqalile ukuzilolonga ne-Orlando Pirates futhi elungiselela ukuya eSpain ekhempini yokulungiselela isizini. 

Abanye abadlali abane abadedelwe ngoMsombuluko ngunozinti uSanele Tshabalala, umgadli uThabang Sibanyoni nabadlali basemuva uSifiso Ngobeni noLucas Suarez.

Bonke laba badlali abadedeliwe bebengeyona ingxenye yeqembu leMamelodi Sundowns ebelikwiClub World Cup.  

USuarez udedelwe ukuba abuyele eqenjini lakhe i-Athletico Telleres yase-Argentina ngemuva kokuhluleka ukwenza kahle ngesikhathi ebolekisiwe kuMasandawana. 

Bekubhekwe ukuthi akholise abaqeqeshi nekilabhu ukuze asayinwe ngokugcwele, kodwa akuhambanga ngendlela obekufiswa ngayo.

Lo mdlali wasemuva olinxele ube namaphutha amaningana agcine efaka iSundonws enkingeni emidlalweni ayidlalile.

Kusenabanye abadlali okulindeleke ukuthi bakhululwe yiSundowns njengoba uCardoso ebheke ukufaka esakhe isitembu eqenjini.

Kubhekwe ukuthi asayine abadlali abahambisana nendlela yakhe yokudlala. 

Phakathi kwabadlali abasha okulindeleke ukuthi bajoyine kukhona uFawaaz Basadien weStellenbosch FC.

Amakilabhu womabili kukholakala ukuthi asezingxoxweni esezithuthukile mayelana nokudayiselana ngalo mdlali. 

Kungenzeka ke futhi ukuthi ilande abadlali abambalwa bangaphandle kuyilapho bengase ilahlekelwe ezinye zezihlabani zayo ezihehe amehlo amaqemu ase-Europe. 

Phakathi kwalabo kukhona uLucas Ribeiro obenomqhudelwano oncomekayo kwiClub World Cup.