EzintshaKaizer Chiefs

UPetersen uphawula ngethalente elisha kwiKaizer Chiefs

Lokhu kunjengoba lezi ziqhwaga zaseSoweto zisekhempini eNetherlands la zilungiselela isizini ezayo.

Ekhuluma ese-Apeldoorn la iChiefs izinze khona, uPetersen uzwakalise umdlandla athi useqenjini nokujabula kwakhe ngokusebenza nabadlali abasha abasayiniwe.

Kubadlali abasha kuleli qembu kubalwa nabaphuma eqenjini leDStv Diski Challenge (DDC) elinqobe isicoco sale ligi ngesizini edlule. 

Iningi labadlali baleli qembu babe sebenyuselwa eqenjini elikhulu futhi basekhempini e-Europe ukuze umqeqeshi uNasreddine Nabi ababone kahle.

“Ngijabule, ikakhulukazi ngabafana abancane. Iningi labo siyabazi. 

“Sibabonile bedlala futhi sebeke baziqeqesha nathi izikhathi ezimbalwa,” kusho uPetersen. 

“Sengikubheke ngabomvu ukubabona bedlala ndawonye eqenjini elikhulu.”

Njengamanje iKaizer Chiefs isekhempini yamasonto amathathu eNetherlands, lapho izobhekana khona namaqembu amane adlala kumaligi aphezulu akuleliya zwe. 

UPetersen, owake waya eNetherlands ngesikhathi esadlala kwi-Ajax Cape Town, uveze ukuthi nabanye abadlali abasha balethe injabulo eqenjini.

“Abafana abasha bangabadlali abajabulisayo impela,” kwengeza lo nozinti. 

“Ngicabanga ukuthi abantu bazothola amazwibela abo emidlalweni yethu yobungani.

“Kodwa umzuzu omkhulu uzoba kwiToyota Cup, lapho abalandeli bezobabona okwangempela ukuthi yini abangayenzela iqembu.”

IKaizer Chiefs iqinise iqembu ngokwengeza abadlali ababalulekile njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali nje.

Kubo kukhona u-Ethan Chislett, umgadli uFlavio Silva, nomdlali wasemuva uNkanyiso Shinga noThabiso Monyane noPaseka Mako abasuka kwi-Orlando Pirates. 

IGlamour Boys ibheke ukubuya ngamandla ngemuva kwesizini ebe nengxube yokuphoxeka nenjabulo.

Idumazile ngokuthi iqede ngaphandle kweTop 8 isizini yesibili kulandelana.

Kube yisizini ejabulisayo njengoba iwazile ukuqeda isomiso eside sezindebe ngokunqoba iNedbank Cup.

Manje isibheke ukuba nesizini engcono futhi ibe amathemba ayo kubadlali abanamava nethalente labadlali abasebancane. 

UPetersen uthi inhlanganisela yabadlali asebeqinile nabasebancane yenze kwaba nomuzwa ohlukile ekhempini yeqembu.

“Wonke umuntu ujabulile futhi ufuna ukuveza ithalente lakhe eqenjini. 

“Sisebenza kanzima, futhi ngicabanga ukuthi abalandeli kufanele bayilindele ngabomvu isizini entsha.”

IKaizer Chiefs izodlala ne-Asante Kotoko yaseGhana kwiToyota Cup ngoJulayi 26 eMoses Mabhida Stadium eThekwini. 

Kulapho abalandeli bezozikholisa khona kahle ngokuthi yini abangase bayilindele kuleli qembu.