
IChiefs ibambane neRangers, kukhalwa ngonozinti
Indlela angenelwe ngayo yigoli unozinti omusha we-Kaizer Chiefs uRenaldo Leaner ishayise amakhala, yashiya abanye babalandeli bengeneme ngaye.
Lo nozinti ungene ngesiwombe sesibili ngesikhathi Amakhosi ebambana ngo 1-1 neGlasgow Rangers emdlalweni wobungani obubanjelwe eMarbella Football Center eSpain ngeSonto ebusuku.
Amakhosi abonakale ezowunqoba lo mdlalo ngemuva kokuthi umgadli u-Etiosa Ighodaro eshaye igoli eliwabeke phambili ngomzuzu ka-77.
Nokho, iRangers ilinganise ngomzuzu ka-89 ngegoli likaFindlay Curtis, ongumdlali weqembu lesizwe laseScotland.
UCurtis, obedlale kabili kwiNdebe yoMhlaba ka-2026, uphakamise ibhola, lameqa uLeaner layokhalakathela enethini eselilandela ngemuva.
Ividiyo yaleli goli isiyathrenda ezinkundleni zokuxhumana futhi abanye bahlekisa ngalo nozinti, bathi ‘he is not make sure’.
Lo mdlalo ubudlalelwa ngaphandle kwezibukeli futhi awuzange usakazwe kuthelevishini noma ezinkundleni zokuxhumana.
Kodwa iRangers ifake ividiyo yegoli layo kwiTikTok yayo.
I-Kaizer Chiefs ayizange imemezele uhlu lwabadlali abaqale umdlalo, kodwa abadlali ezithombeni ezifake ngoMsombuluko ekuseni ezinkundleni zokuxhumana sezibavezile abanye babadlalile.
- FUNDA NALA | Okusha ngoLilepo neChiefs
Kubo kubonakale uPule Mmodi, uNkosingiphile Ngcobo, uSibongiseni Mthethwa, uZitha Kwinika, u-Asanele Velebayi, uReeve Frosler noKabelo Nkgwesa.
I-Kaizer Chiefs isazobhekana ne-Al Kholood yaseSaudi Arabia ngoLwesithathu luka-15 Julayi ngaphambi kokudlala ne-Elche CF yaseSpain ngo-18 Julayi.
Zibukele leli goli le Rangers elisuse ukukhuluma ngLeaner ngezansi:
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
