
IKaizer Chiefs kumele ihlanze indlu, iqale phansi – Ertugral
Ngu-Alfred Ngubane
UMuhsin Ertugral unxusa abaphathi beKaizer Chiefs ukuthi bahlanze indlu ngokuthi bachithe uNasraddine Nabi nethimba lakhe, oKalil Ben Youssef noCedric Kaze.
Lo mqeqeshi owake waba nempumelelo ebonakalayo kwiKaizer Chiefs, uthi lo macashelana odlalwa ngabaphathi noNabi nethimba lakhe awulisi ndawo iqembu.
Ukusho lokhu engxoxweni ekhethekile neLisenethini kuleli sonto, la evuleleke okokuqala ngalesi simo esiseqenjini lakhe lakudala.
“Sekusobala futhi sekubonakele ukuthi akusekho ukusebenzisana phakathi kukaNabi nabaphathi beKaizer Chiefs ngakho kuzomele bamdedele ahambe namaphini akhe.
“Umonakalo uyaqhubeka kumanje, awumile. Kumele bathole umqeqeshi ozovala isikhala ngokushesha,” kusho u-Ertugral.
“Ngiyazi kunzima emakethe ukuthola umqeqeshi onohlonzo njengamanje, kodwa bakhona abaqeqeshi abanjengoManqoba Mgqithi abangabheka kubo.”
Eqhuba, u-Ertugral uthe iKaizer Chiefs kuyobe izigwaza ngowayo uma iqhubeka noBen Youssef noKaze ngoba basengamakluma kul omsebenzi wokuqeqesha.
“Ngeke bakwazi ukuqeqesha iChiefs ngoba ayimdingi umqeqeshi oyivukane, idinga umqeqeshi osevuthiwe noyaziyo indaba yakhe,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eTurkey.
“Sebekhombisile ukuthi ngenxa yokungabi namava, bayahluleka ukuthatha izinqumo bona bebodwa.
“Sibabonile sonke bephambanisa umsebenzi ngesonto bedlala neStellenbosh, okwenze kwahlala obala ukuthi basabuye bazingabaze kwabona ngezinqumo ezinqala.”
Uthi ukuzama kwabo ukushintsha unozinti uFiacre Ntwari ngomzuzu wokugcina kulo mdlalo kukhombise ukuthi basebancane kulo msebenzi.
“Bakhombise wonke umuntu ukuthi umsebenzi abakawazi kahle ngesikhathi benza izinguquko befuna ukukhipha uNtwari bafake uBruce Bvuma.
“Kodwa behluleka ukumkhipha ngoba wenqabile nokudale ukuthi kungenelele nabadlali njengoba sibonile oSibongiseni Mthethwa noZitha Kwinina beyobatshela ukuthi abamnyeke aqhubeke.”
FUNDA NALA | UKhanye uqhathanisa uRibeiro noSantos
Uthi ngenxa yale nxushunxushu abayenzile, uNtwari ugcine ebukeka kabi kubalandeli ngemuva kokuthi iqembu lihluliwe sekukhahlelwa amaphenathi.
Ngokusho kwakhe, uBvuma kwayena bekungekho siqiniseko sokuthi uzowavimba amaphenathi ngoba asebenza ngenhlanhla.
