EzintshaMamelodi Sundowns

UCardoso ucacisa eyokunyamalala kukaMonnapule Saleng 

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso ukuchithile ukuqagela okukhona ngokungabonakali kukaMonnapule Saleng eqenjini lakhe muva nje.

Ukunyamalala kukaMonnapule Saleng eqenjini kudonse amehlo, kodwa uCardoso ugcizelela ukuthi kungenxa yokulimala nje kuphela.

Lo mdlali ogijima ophondweni lwesinxele ujoyine iSundowns esuka kwi-Orlando Pirates emnakazweni oshiye abaningi bemangele ngoJanuwari.

Ufike eChloorkop enedumela elikhulu futhi amehlo ethe nje kuye, kodwa kwavela ukuthi ufika nje unokulimala anakho. 

Yize eseke wabonakala emidlalweni embalwa, kuqubuke imibuzo ngemuva kokuthi ephinde washiywa ngaphandle emidlalweni yakamuva.

UCardoso ukucacisile ukuthi isimo salo mdlali wasophikweni ngesokulimala — hhayi ukuthi akekho ezinhlelweni zakhe. 

Abanye babenomuzwa wokuthi ukusala ngaphandle kukaMonnapule Saleng kungenza yokuthi isitayela sakhe asihambisani neseSundowns. 

“Akukho mbango ngoba bonke abadlali banesikhala. Uma ubheka umbiko wezokwelapha, kuyacaca ukuthi uSaleng ulimele,” kusho uCardoso.

Ukulimala kwakhe kuvele emdlalweni odlule lapho uSaleng ezizwa enobuhlingwana ngesikhathi besazifudumeza ngaphambi komdlalo.

“Ubesebhentshini kodwa akangakwazi ukudlala. Wakhala ngobuhlungu kwasho ukuthi sekwephuzile ngeke sisakwazi ukushintsha uhlu lwabadlali sifake omunye,” kuchaza uCardoso.