Ezintsha

ElePSL lihlola ‘isibabuli’ saseBrazil

Iqembu lePremier Soccer League lihlola umdlali waseBrazil ngenhloso yokumsayina uma enakho lokhu okubatshazwa kuye.

Kuveka ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala, uVictor Santoro, useqalile ukuziqeqesha neLerumo Liona eZinniaville High School, eRustenburg.

Ngokombiko weSoccer Laduma, lo mdlali usevele uhlabe umxhwele ngesikhathi eziqeqesha neqembu kuleli sonto.

“Ufike kuleli sonto futhi ubukeka engumdlali osezingeni eliphezulu. 

“Abadlali babonakala bemthanda futhi bemhlonipha, okuyinto enhle,” kusho umthombo osondelene neqembu.

USantoro ujime okokuqala neqembu ngoLwesithathu njengoba ezama ukuhlaba umxhwele abaqeqeshi.

Kuthiwa ngaphambi kokufika eNingizimu Afrika ubedlala kwi-Eccellenza League e-Italy, okuyiligi yesihlanu kuleliya lizwe.

Kubikwa ukuthi iLerumo Lions ifuna ukumsayinisa uma ephumelela ekuhlolweni kwakhe.