Ezintsha

Okushiwo uMofokeng ephawula okokuqala nge-St-Gilloise

Iqembu laseBelgium, iRoyale Union Saint-Gilloise, selimemezele ngokusemthethweni u-Relebohile Mofokeng njengomdlali walo omusha ngemuva kokumthenga kwi-Orlando Pirates.

Lo mdlali oneminyaka engu-21 usayine inkontileka yeminaka emine, ezomgcina kuleli qembu kuze kube maphakathi no-2030.

Le nkontileka iphinde inike iqembu ilungelo lokwelula le nkontileka ngomunye unyaka.

UMofokeng ufika eBelgium ngemuva kokugqama kwi-Orlando Pirates, lapho abe ngomunye wabadlali abahamba phambili.

Futhi usize iBucs yanqoba isicoco seBetway Premiership, iMTN8 neCarling Knockout ngesizini edlule.

Uphinde wadlala indima enkulu kwiBafana Bafana eNdebeni yoMhlaba ka-2026 ebise-US, Canada naseMexico. 

Uqale imidlalo emibili, okubalwa nowomzuliswano ka-32 neCanada, lapho adlale khona ebhekene nozakwabo omusha, uPromise David.

Ekhuluma ngemuva kokusayina inkontileka yakhe, u-Relebohile Mofokeng uthe ujabule kakhulu ngokufeza iphupho lakhe.

“Ngijabule kakhulu ukuba lapha,” kusho lesi sihlabani esisakhula sikhuluma nabeqembu. 

“Bekuyiphupho lami ukudlala e-Europe futhi ngibheke ngabomvu ukuqala umkhankaso wokuhlungela iChampions League,” kusho uMofokeng.

“Unyaka odlule ubungowokhethekile kimi. Nginqobe iligi ne-Orlando Pirates, ngadlala iNdebe yoMhlaba yami yokuqala neBafana Bafana, manje sengithathe elinye igxathu elikhulu emsebenzini wami. 

“Ngiyethemba ukuthi ngizoqhubeka nokukhula njengomdlali lapha. 

“Mina neqembu sizokwenza konke okusemandleni ethu ukulwela izicoco.”

Abalandeli baseNingizimu Afrika bazobe bebheke ngabomvu ukubona ukuthi u-Relebohile Mofokeng uzoqhubeka yini nokugqama njengoba eqala impilo entsha kwelinye lamaligi aqinile ase-Europe.