
Elase-Angola lifuna aphenywe uTom ‘oxolisile’ ngokuyidlisa
IPetro de Luanda isithathe isinyathelo ngomphumela womdlalo wayo neScottland FC, njengoba kubikwa ukuthi isifake isikhalazo kwiCaf ngo-Abongile Tom.
Leli qembu lase-Angola lishaywe ngo 2-0 emlenzeni wokuqala womzuliswano wesibili wokuhlunga kwiCaf Champions League ngeSonto.
Isigameko esikhulu kulo mdlalo kube ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukanozinti uHugo Marques ngomzuzu wokuqala walo mdlalo obuseZimbabwe.
Lesi sinqumo sibe yisona esigqame kakhulu ezikhalweni zePetro.
Leli qembu liphinde labeka imibuzo ngendlela uTom, ongunozinti waseNingizimu Afrika, abephethe ngayo umdlalo.
Indaba ithathe elinye ijika ngesikhathi uMarques ebika ukuthi u-Abongile Tom uxolisile kuye ngemuva komdlalo.
Lo nozinti uthe uTom uvumile ukuthi ikhadi elibomvu alikhiphile libe yiphutha.
Kuthiwa lo nozinti owake wavimba kwiCape Town City udalule lokhu ku-Instagram ngoMsombuluko.
- FUNDA NALA | Kuyamshubela umqeqeshi kwelaseKZN
IPetro kubikwa ukuthi ifuna iCaf iphenye ngokuphathwa komdlalo, kuphinde kuthathwe izinyathelo ezifanele uma kutholakala ukuthi kube nokungahambisi kahle.
Kodwa akukacaci ukuthi iCaf izosithathela phezulu yini isicelo saleli qembu bese yenza uphenyo olusemthethweni.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
